Umdlavuza webele

Post cover image

Uyini umdlavuza webele?

Umdlavuza webele wukukhula ngendlela engavamile kanye nokuhlukana okungalawuleki kwamaseli ebeleni. La maseli angasakazeka azungeze i-tissue evamile yebele futhi angaya nakwezinye izingxenye zomzimba.

Izici eziyingozi

Izici ezithile zibonisa ukuthi usengozini enkulu yokuba nomdlavuza webele. Zihlanganisa lokhu:

  • Umlando womdlavuza webele emndenini
  • Ukusebenzisa utshwala nogwayi
  • Ukukhuluphala ngokweqile
  • •Abesifazane abangakaze babe nezingane, noma ababe nazo ngemva kweminyaka engu-30 ubudala
  • Ukuguga

Zonke lezi zici zandisa ingozi, kodwa azisho ukuthi uzoba naso lesi sifo.

Izimpawu eziyisexwayiso

  • Ukushwabana kwesikhumba sebele
  • Isigaxa ebeleni noma ngaphansi kwekhwapha
  • Ushintsho esikhunjeni esizungeze ingono noma ukuphuma koketshezi engonweni
  • Ukuba nesifaca ebeleni noma ukutshobela kwengono
  • Ukwanda noma ukuncipha okungavamile kobukhulu bebele
  • Ibele elilodwa lisezansi ngendlela engavamile kunelinye futhi izingono zisemazingeni angalingani
  • Ukuvuvukala okungavamile noma ngaphansi kwekhwapha noma endaweni ezungeze ihlombe

Ukwelashwa

Ukwelashwa kuyahlukahluka kuye ngokuba bucayi komdlavuza. Ukuhlinzwa okulondoloza ibele kungenziwa lapho khona kususwa isimila kanye nesilinganiso esincane sezicubu ezizungeze umdlavuza. Ukususa kwalo lonke ibele kubizwa ngokuthi yi-mastectomy futhi kungenye indlela evamile yokuhlinzwa.

  • Imisebe ivame ukusetshenziswa ngemva kokuba umdlavuza ususiwe ukuze kubulawe noma kuncishiswe noma yimaphi amaseli omdlavuza webele asele.
  • I-chemotherapy iyindlela yokwelapha ngamakhemikhali esetshenziselwa ukubulala amaseli omdlavuza.
  • Ukwelapha ngehomoni kusetshenziselwa ukunciphisa ukukhula kwamaseli omdlavuza.

Ukuvimbela nokwelapha

  • Zihlole ibele njalo ngenyanga. Funda indlela yokuhlola amabele akho usebenzisa izinsiza ezengeziwe.
  • Hlolwa njalo (ukuhlola amabele emtholampilo).
  • Abesifazane abangenazo abaneminyaka engu-40 kuya kwengu-54 kumelwe benze i-mammogram (i-x-ray ekhethekile ekwazi ukubona izigaxa ebeleni) njalo ngonyaka.
  • Abesifazane abaneminyaka engu-55 nangaphezulu bangahlolwa njalo ngemva kweminyaka engu-2.

Yini engenzeka ngaphandle kokwelashwa

  • Ukunwebekela emaphashini kungabangela ukuphelelwa umoya, ukukhwehlela, kanye nezinhlungu esifubeni
  • Ukunwebekela emgogodla phecelezi i-spinal cord (Ukucindezelwa komgogodla) okungabangela izinhlungu eziphikelelayo entanyeni nasemhlane noma ukuphelelwa amandla emilenzeni yakho
  • Ukunwebekela esibindini kubangela isicanucanu kanye ne-jaundice
  • Ukuphathwa yikhanda kanye nokuhluthuleka
  • Ukukhuphuka kwezinga lokuchama, ukoma kakhulu, ukuphelelwa amanzi emzimbeni, ukubuyisa kanye nokuqunjelwa yisisu
Tags
  • Breast Cancer
    Breast
    Cancer
    Womens Health