Ukukhipha isisu

Post cover image

Ukukhipha isisu - Ukukhetha Ukunqamula Ukukhulelwa (TOP) umthetho ka-1996

I-TOP umthetho ka-1996 ngumthetho osetshenziswa uhulumeni waseNingizimu Afrika ngesikhathi kubhalwa le ncwajana. Lo mthetho ugcizelela ilungelo lomuntu okhulelwe lokunqamula ukukhulelwa ngaphambi kwesikhathi ngendlela ephephile ngokuzikhethela kwakhe.

Ungacela i-TOP esikhungweni sasendaweni esinakekela impilo emavikini angu-12 okuqala okukhulelwa.

Ngemva kwamaviki angu-12

Ngemva kwamaviki angu-12 okukhulelwa, i-TOP ingahlinzekwa ngaphansi kwezimo ezikhethekile. I-TOP ingenziwa uma:



  • Kukhona ingozi yokulimala kumama, emzimbeni noma engqondweni.
  • Kunengozi yokulimala kombungu osakhula, ngokomzimba noma ngokwengqondo.
  • Ukukhulelwa kubangelwe ukudlwengulwa noma ukulalana kwezihlobo
  • Ukuqhubeka nokukhulelwa kuzothinta izimo zenhlalo noma ezomnotho zomuntu okhulelwe.

Ukukhulelwa kwentsha

Intsha ingayinikeza ngokwayo imvume yokwenza le nqubo. Nokho ituswa uba ifune iseluleko kubanekekeli/abazali ngaphambi kokuba yenze isinqumo.

Ukunqamula ukukhulelwa: Indlela okwenziwa ngayo

Kunezindlela ezimbili zokukhipha isisu eNingizimu Afrika. Zisekelwe esigabeni sokukhulelwa. Yindlela yokukhipha isisu ngemithi kanye neyokuhlinzwa. Lezi zindlela zisebenza kahle kakhulu futhi kubalulekile ukuqaphela ukuthi umuntu angakhulelwa futhi ngemva kokukhipha isisu.

Ukukhipha isisu ngemithi

Ngaphansi kwamaviki angu-9 okukhulelwa

Ukukhipha isisu ngemithi kwenziwa ngokukhipha okusesibelethweni ngamaphilisi amabili: i-mifepristone ne-misoprostol.

I-Mifepristone ithambisa umlomo wesibeletho okubangela ukuba isibeletho sinciphe. Lokhu kubangela ukuchitheka kwesisu bese obekusesibelethweni kuphumela ngaphandle. I-Mifepristone inikezwa kuqala futhi ingathathwa ngomlomo noma ifakwe esithweni sangasese.

I-Misoprostol ibangela ukuba umlomo wesibeletho uthambe nakakhulu bese sincipha nakakhulu isibeletho. Ithathwa ezinsukwini ezingu-2 kuya kwezingu-3 ngemva kokuthatha i-mifepristone. I-Misoprostol ingathathwa ekhaya.

Ngemva kwephilisi lesibili, kubalulekile ukuba ubuyele esikhungweni sasendaweni esinakekela impilo ukuze uqinisekise ukuthi ukukhipha isisu kwenzeke ngokuphumelelayo nokuthi ukukhulelwa kunqanyuliwe, kufanele uthole usuku lokulandelela emtholampilo wangakini. Ukukhipha isisu ngomuthi kuphumelela kakhulu.

Amaviki angu-9 kuya kwangu-14 okukhulelwa

Ukukhipha isisu kuleli qembu kulandela izinyathelo ezichazwe ngenhla. Nokho, kukhona imithamo eyengeziwe ye-misoprostol ethathwa njalo ngemva kwamahora amathathu kuze kube yilapho ukukhipha isisu sekuqediwe.

Okumelwe ukulindele phakathi nangemva kokukhipha isisu ngomuthi

Ukuchithwa kwesisu kungahambisana nezinhlungu kanye nokopha ngaphambi kokuthatha umuthi wesibili, i-misoprostol. Inqubo iyashintshashintsha futhi ingathatha amahora afika kwangu-24 ngaphambi kokuba iqale.

Ngemva kokuthatha i-misoprostol, ungalindela lokhu:



  • Ukopha kakhulu amahora amaningi. Ukopha kukhulu kunalokho oba nakho lapho usesikhathini. Ngokuhamba kwesikhathi ukopha kakhulu kuyancipha bese wopha ngendlela evamile.
  • Ubuhlungu buyafana noma buba bukhulu kunalobo obuzwa lapho usesikhathini
  • Isiyezi
  • Ikhanda elibuhlungu
  • Umkhuhlane
  • Ukuphalaza
  • Isifo Sohudo

Ukukhipha isisu ngokuhlinzwa

Ezimweni ezithile, le ndlela yokuchitha isisu iyanconyelwa ukuze unqamule ukukhulelwa.

Kule ndlela, umlomo wesibeletho uyavulwa nge-misoprostol, okuyinqubo ebizwa ngokuthi yi-cervical priming. Ngemva kokwenza i-cervical priming, umbungu uyakhishwa esibelethweni ngomshini odonsayo.

Ukuvulwa komlomo wesibeletho kanye nokunyakaza kwesibetho njengoba kushishwa okuphakathi kwaso kubuhlungu futhi umhlinzeki wezokwelapha kumelwe akunikeze okokubulala izinhlungu okwanele ukuze unciphise izinhlungu.

Okufanele ukwenze ngemva kokukhipha isisu



Ukukhipha isisu kungaba yinqubo ekhungathekisayo ngokomzwelo, ngokwengqondo nangokomoya. Kubalulekile ukusondelana nabantu abangakweseka ngokomzwelo.

Ungacela ukwelulekwa ngaphambi nangemva kokunqamula ukukhulelwa

Uma ukukhipha isisu kwenziwe emavikini angu-14 okukhulelwa (izinyanga ezintathu), ungase unikwe ama-antibiotics. Kubalulekile ukuba uwusebenzise wonke lo muthi ukuze ugweme isifo sesibeletho

Izinkinga azivamile ngemva kokukhipha isisu ngendlela ephephile. Uma zivela, vakashela isikhungo esiseduze esinakekela impilo ngokushesha. Yilezi:



  • Ukopha kakhulu (haemorrhage)- ugcwalise amaphedi amakhulu angaphezu kwamabili ngehora isikhathi esingaphezu kwamahora amabili noma ukhiphe amahlule alingana nolamula omncane
  • Isifo: umkhuhlane, iphunga elibi, noma ukuphuma koketshezi olunombala ohlukile





Tags
  • Termination of Pregnancy
    Abortion
    ToP
    Womens Health
    Sexual Health