Inhlekelele Yokudlwengula

Post cover image

Ukudlwengula yisenzo sodlame lapho khona umuntu esebenzisa izenzo zocansi ukuze ahlukumeze noma alimaze omunye umuntu.

Uhlelo lwethu lwezomthetho ichaza ukudlwengula ngale ndlela: “Noma yimuphi umuntu oya ocansini ngokungemthetho nangamabomu nommangali, ngaphandle kwemvume yommangali, wenze icala lokudlwengula.”

Yini okumelwe ukwenze uma othile eye wakudlwengula?

Kungcono uye ngokushesha esibhedlela noma esiteshini samaphoyisa. Nokho, Ukudlwengula kuwubugebengu obunonya obungaba nemithelela emibi emzimbeni nasengqondweni futhi kumelwe ummangali kumelwe anikezwe ukwesekwa futhi abekezelelwe.

Izinyathelo ezilandelayo zithathwa esikhungweni se-Cape Town Rape Crisis:

  1. Yiya endaweni ephephile
  2. Tshela umuntu wokuqala ombonayo nomethembayo ngalokho okwenzekile
  3. Yiya esibhedlela noma kudokotela ukuze uthole usizo lwempilo
  4. Kudingeka uthole usizo lwempilo engakapheli amahora angu-72 ukuze kuhlolwe ukuthi awuthelelekanga nge-HIV
  5. Ungathola ukwelashwa ngisho noma unquma ukuthi ngeke uvule icala
  6. Cela okokuvimbela ukukhulelwa ezimweni eziphuthumayo ukuze uvimbe ukukhulelwa
  7. Uma kwenzeka ukhulelwe ngenxa yokudlwengulwa, ungakhetha ukukhipha isisu ngendlela ephephile
  8. Cela isitefiketi sempilo uma udinga isikhathi sokululama
  9. Bika emaphoyiseni

Esibhedlela

Yiya esikhungweni sempilo esiseduze nawe ufike uchaze ukuthi uye wadlwengulwa. Ungoti wokunakekelwa kwempilo okuhlolayo uzocela imvume yakho yokwenza isivivinyo se-HIV. Uma ungenayo i-HIV, uzothola i-anti-retroviral therapy (ART) ebizwa ngokuthi yi-Post-exposure prophylaxis (PEP) ukuze ikuvimbele ekutholeni igciwane. Lokhu ukwelashwa okuthatha izinsuku ezingu-28, futhi kubalulekile ukuthi ukuqede konke naphezu kwemithelela emibi engase ibe khona. Ukwelashwa kwe-PEP kusebenza kangcono emahoreni angu-72 (izinsuku ezingu-3) zokuchayeka oketshezini lomzimba.

I-PEP iqukethe okokuvimbela inzalo ezimweni eziphuthumayo (morning-after pill) kanye nama-antibiotics ukuze kuvinjelwe ukukhulelwa kanye nezifo ezithathelwana ngocansi (STI). Uma kuvela ukungaphatheki kahle, kuphuma uketshezi noma kulume ngemva kokubonana nodokotela, buyela esikhungweni sezokwelapha eselapha ama-STI.

Kufanele ubuyele uyokwenza isivivinyo se-HIV ngemva kwezinyanga ezintathu wenze isivivinyo sokuqala sokuqinisekisa ukungabi khona kwegciwane.

Ungoti owenza uphenyo lwezokwelapha uzokwenza uphenyo ukuze athole ubufakazi emzimbeni njengegazi, isidoda knaye nezinwele ezisele emzimbeni wakho uma unquma ukuvula icala kamuva.

Uma ufuna ukubika okwenzeke kuwe ngesikhathi usesibhedlela, amaphoyisa angabizwa esibhedlela futhi isitatimende sithathwe lapho. Uma isiteshi samaphoyisa siyindawo oye kuyo kuqala, amaphoyisa angakusa esibhedlela.

Ukubambisana namaphoyisa

Akwenzeki udlulelwe yisikhathi sokubika ukudlwengulwa. Esiteshini samaphoyisa esiseduze nawe:

  • Ungacelwa ukubonwa egumbini eliyimfihlo
  • Kufanelwe kuthathwe isitatimende esifushane bese sihunyushelwa olimi lwakho
  • Uzobe usucelwa ukuba unikeze isitatimende esiphelele esinayo yonke imininingwane yesehlakalo. Uma uhluleka ukunikeza isitatimende esiphelele, iphoyisa eliphenyayo lizokwenza i-aphoyintimenti nawe ngosuku olulandelayo noma engakapheli amahora angu-36

You have the right to request a female police officer and have the right to be treated with respect and dignity and should complain if this does not happen.

Kuzokwenzekani uma ukhulelwa ngenxa yokudlwengulwa?

Ungakhetha ukusikhipha isisu esikhungweni sezempilo kuze kufike:

  • Emavikini angu-12 emitholampilo yasendaweni
  • Emavikini angu-20 ezibhedlela kanye nasemitholampilo ezimele

Amalungelo akho njengomuntu ohlukunyeziwe

I-Cape Town Rape Crisis inomkhankaso othi #KnowYourRights ohloselwe ukuqwashisa mayelana namalungelo kanye namasevisi empilo abantu abadlwenguliwe abanelungelo lokuwathola. Ugcizelela:

  • ilungelo lokuthola ukunakekelwa kwempilo kwamahhala, ukwelulekwa kanye nosizo lwezomthetho
  • I-Thuthuzela Care Centres okuyizikhungo ezikhethekile ezihlinzeka ngokungenhla kulabo abadlwenguliwe. I-Thuthuzela Care Centres itholakala ezibhedlela ezingu-54 kulo lonke elaseNingizimu Afrika
  • Ilungelo lokuthola imithi evimbela i-HIV, i-PEP, engakapheli amahora angu-74 umuntu edlwenguliwe
  • Ilungelo lokuthola okokuvimbela inzalo ezimweni eziphuthumayo
  • Ukwelulekwa kanye namasevisi empilo yengqondo

Izinsiza

Funda imininingwane eyengeziwe futhi uthole izinsiza ezimayelana nokudlwengulwa kanye nendawo ongathola kuyo ukwesekwa (kuhlanganise ukuthola ihhovisi eliseduze nawe) kuwebhusayithi ye-Rape Crisis: www.rapecrisis.org.za

Inombolo yosizo ye-Rape Crisis esebenza amahora angu-24: 021 447 9762

Uma ungakwazi ukukhuluma nothile, xhumana nabantu be-rape crisis ku-WhatsApp: 083 222 5164 noma ushayele

Ukuze ufunde okwengeziwe nge-Thuthuzela Care Centres kanye namasevisi abawanikezayo, vakashela iwebhusayithi elandelayo: https://www.gov.za/TCC#

Related Posts

Tags
  • Rape
    GBV
    Gender Based Violence
    Womens Health
    IPV
    Intimate Partner Violence
    Abortion
    Termination of Pregnancy