Umdlavuza Womlomo Wesibeletho

Post cover image

Uyini Umdlavuza Womlomo Wesibeletho?

Umdlavuza womlomo wesibeletho ungumdlavuza ovela kumaseli omlomo wesibeletho, okuyingxenye esekugcineni ngezansi kwesibeletho exhuma esithweni sangasese.

U-70% wemidlavuza yomlomo wesibeletho ihlotshaniswa nesifo esiphikelelayo sohlobo oluthile lwe-Human Papilloma Virus (HPV). Leli gciwane linezinhlobo ezingaphezu kwezingu-100 futhi uhlobo 16 no-18 luhlotshaniswa nengozi enkulu yokwakheka komdlavuza womlomo wesibeletho eNingizimu Afrika.

Ezinye izinhlobo ze-HPV ziyimbangela evamile yalokho okubizwa ngokuthi yi-genital warts.

I-HPV ingabangela nomdlavuza wesitho sangasese sabesifazane kanye nowendunu.

Izici Eziyingozi

Okulandelayo kwandisa ingozi yakho yokuba nomdlavuza womlomo wesibeletho:

Ukuba ne-Human Papillomavirus (HPV) ngaphambilini kuphakathi kwezizathu eziyinhloko ezibangela ukuba abantu bathole Umdlavuza Womlomo Wesibeletho

  • Ukuya ecansini nabantu abaningi
  • Ukuba namasosha omzimba abuthaka
  • Ukusebenzisa ugwayi
  • Izifo ezithathelwana ngocansi (STIs) (chlamydia, HSV)
  • Uma sekukudala wagcina ukwenza i-PAP smear

Utheleleka kanjani nge-HPV?

Ngokuyinhloko i-HPV idluliseleka ngocansi olubandakanya isitho sangasese sowesifazane, indunu noma umlomo, kodwa ingadluliselwa nangokuthintana koketshezi lomzimba, njengamathe, noma ukuthintana kwezikhumba.

Abantu abaningi bahamba negciwane ngaphandle kokuqaphela ukuthi banalo, futhi ukuba negciwane akusho ngempela ukuthi usengozini yokuba nomdlavuza - kuxhomeke endleleni umuntu anempilo ngayo kanye nasebungozini bohlobo lwegciwane.

Ingatholwa kanjani i-HPV?

Njengamanje ayikho indlela yokuhlola igazi ukuze kutholwe i-HPV, kodwa izivivinyo zaselebhu zingenziwa kumaseli athathiwe ukuze kutholakale ukuthi unohlobo oluyingozi kakhulu lwegciwane yini.

Kubesifazane abaneminyaka engaphezu kwengu-25, ukuhlolwa komlomo wesibeletho (noma i-smear) okwenziwa njalo kuyindlela enhle yokuthola amaseli angafanele omlomo wesibeletho okungase kubonise ukuba khona kwe-HPV eyingozi kakhulu. Lokhu kuhlolwa kubizwa ngokuthi yi-PAP smear.

I-PAP smear ukuhlolwa okwenzelwe ukuthola umdlavuza womlomo wesibeletho ngesikhathi usaqala. Amaseli angajwayelekile omdlavuza atholwa ngokusebenzisa i-swab evela emlonyeni wesibeletho.

UMnyango Wezempilo WaseNingizimu Afrika unikeza ama-PAP smear angu-3 mahhala kusukela eminyakeni engu-30, njalo ngemva kweminyaka engu-10 kubesifazane abangenayo i-HIV. Ama-PAP smear enziwa njalo ngemva kweminyaka engu-3 kubesifazane abane-HIV.

Ukuvimbela Nokulawula

Ukusebenzisa ikhondomu kuyisinyathelo esihle sokuvimbela. Umgomo we-HPV uwukuphela kwendlela ethembekile yokuvimbela i-HPV ngokuphelele - ngisho nokugwema ucansi akuqinisekisi ukuvikeleka, kwazise igciwane lingadluliselwa ngokhuthintaka kwesikhumba noma amathe.

Ukwelashwa

Ukwelashwa komdlavuza womlomo wesibeletho kuthonywa yisigaba somdlavuza. Lokhu kungahlukahluka kusukela ekusikweni komdlavuza endaweni encane kuye ekususweni kwesibeletho kanye nezindawo ezizungezile ezimweni ezibucayi kakhulu.

Tags
  • Cervical Cancer
    Cancer
    HPV
    Human Papilloma Virus
    Womens Health