Ukunakekelwa Kwengane Okuyisisekelo

Post cover image

Izinsuku zokuqala ezingu-1000

Izinsuku zokuqala ezingu-1000 zokuphila zibaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi ingane yakho ikuqala kahle ukuphila. Izinsuku zokuqala ezingu-1000 ziqala ngosuku okhulelwa ngalo, ziphele lapho ingane yakho iba neminyaka engu-2. Lesi sikhathi sibalulekile ekukhuleni kwengane yakho futhi sizothinta konke ukuphila kwengane yakho. Yini ongayenza ukuze uqinisekise ukuthi ingane yakho ithola okungcono kakhulu ngezinsuku zokuqala ezingu-1000?

Ngaphambi Kokukhulelwa

Kuwumbono omuhle ukukuhlela ukukhulelwa kwakho. Lokho kusho ukuthi kufanele usebenzise izinto zokuhlela umndeni (ezibizwa nangokuthi “yizinto zokuvimbela inzalo”) phakathi nesikhathi ongafuni ngaso ukukhulelwa. Lapho unomuzwa wokuthi ufuna ukuba nengane, ungabe usuhlela ukukhulelwa nokuqala umndeni, ngokuyeka ukusebenzisa izindlela zokuhlela umndeni (ungafunda okwengeziwe ngalokhu encwajaneni yethu yokuhlela umndeni). Ngale ndlela, ungalungiselela isikhathi ofuna ngaso ukuba nengane. Ukulungiselela ukukhulelwa kungahlanganisa nokuthatha amavithamini (ikakhulukazi ivithamini “Folate”) nokuqinisekisa ukuthi umi kahle ngokwezimali. Ivithamini “Folate” isiza umgogodla wengane kanye nengqondo yayo ukuba kukhule kahle, kodwa kubalulekile ukuba uqale ukuyithatha ngokushesha ngangokunokwenzeka, kungcono uma uqala ngaphambi kokuba ukhulelwe.

Phakathi Nokukhulelwa

Kubalulekile ukuthi phakathi nokukhulelwa uye emtholampilo uyohlolwa. Onesi nodokotela bazokwazi ukuthi yiziphi izivivinyo okudingeka bazenze kanye nendlela yokuqinisekisa ukuthi ingane yakho iphephile phakathi nokukhulelwa. Lokhu kuhlolwa (okubizwa nangokuthi ukuvakashela emtholampilo ukuze “uhlolwe ngaphambi kokubeletha”) kusiza odokotela nonesi abakunakekelayo bazi wena nempilo yakho kangcono ukulungiselela isikhathi ozobeletha ngaso. Lokhu kwenza ukubeletha nokukhulelwa kuphephe kakhudlwana futhi kungakhandli kuwe nasenganeni yakho.

Ezinye zezivivinyo odokotela nonesi abazozenza ukukuhlolela i-HIV. Lokhu kwenziwa kuwo wonke umuntu. Uma kutholakala ukuthi unayo, lena yindawo enhle yokuqhubeka noma yokuqala imithi yakho. Uma uyithatha kahle imithi yakho, lokho kungavimbela ukuthelela ingane yakho nge-HIV.

Kubalulekile nokuba odotela bahlole yonke imithi oyithathayo futhi baqinisekise ukuthi iphephile enganeni yakho. Bazokufundisa nokuthi ukuphuza utshwala, ukusebenzisa izidakamizwa noma ukubhema kubi enganeni yakho. Funda ipheshana elibizwa ngokuthi “FASD” ukuze uthole imininingwane eyengeziwe.

Bazokunika namavithamini asiza ingane ikhule kahle.

Ngemva Kokukhulelwa

Lapho ingane yakho isizelwe, idinga uthando lwakho ngokushesha, ukududuzwa kanye nokudla okunomsoco, uma sibala nje izinto ezimbalwa. Kubalulekile ukuthi ngesikhathi ingane yakho ikhula, ibe nalokhu:

  • Ikhaya eliphephile: lapho khona ushefu, ubuthi, amanzi abilayo kanye nomlilo uba sendaweni eqhelile ukuze ungazilimazi izingane
  • Ukuthola amanzi okuphuza aphephile. Uma ucabanga ukuthi amanzi akho awaphephile, funda izinsiza ezengeziwe zendlela yokuhlanza amanzi
  • Imigomo yezingane

Lezi ngezinye zezinto ezibalulekile okumelwe uzenze ngesikhathi ingane yakho isakhula. Ngezansi sikhuluma ngezinye izihloko ezibalulekile.

Ukuncelisa

Ukuncelisa ingane yakho kungenye yezinto ezinhle kakhulu ongazenza ukuze uqinisekise ukuthi ingane yakho ikhula kahle futhi iba nempilo.

Ukuncelisa kunikeza ingane yakho onke amavithamini, amafutha kanye nephrotheni eyidingayo. Umzimba wakho uyayazi into edingwa yingane yakho, empeleni uyalushintsha ubisi lwebele ukuze luvumelane nalokho okudingwa yingane yakho, ukuze uqinisekise ukuthi lukahle kakhulu.

Ubisi lwebele luhle kakhulu esiswini sengane yakho futhi luqinisekisa ukuthi ingane yakho ivikelekile ezifweni.

Lolu bisi alunawo amagciwane. Liqukethe namasosha omzimba asiza ingane yakho ilwe nezifo eziningi.

Ubusi lwe-formula luyabiza futhi kunzima ukulwenza kahle. Lungathola amagciwane kalula futhi lungenza ingane yakho igule. Ayilungile nasesiswini sengane. Ngokungafani nobusi lwebele, ayinawo amasosha omzimba.

Izimpawu Eziyingozi

Kukhona izimpawu ezithile ezizoboniswa yingane yakho uma idinga ukuya esibhedlela. Kubalulekile ukuba ubheke lezi zimpawu zengozi ukuze ukwazi ukuya esibhedlela ngokushesha. Izimpawu eziyingozi zisohlwini olungezansi:

  • Uma ingane ibuyisa
  • Uma ingane ingakwazi ukuphuza noma ukuncela
  • Uma ingane idlikizela, okwaziwa nangokuthi “ama-fits”
  • Uma ingane iqulekile noma ibuthaka

I-Road to Health

Uye wanikwa iNcwajana ye-Road to Health phakath nokunye kokuvakasha kwakho emtholampilo. Lena yincwajana ebaluleke kakhulu ngoba kuyo odokotela nonesi bakho bazobhala yonke imininingwane ebalulekile ngempilo yakho kanye nempilo yengane yakho. Lapha odokotela bangabona ukuthi ingane yakho iqhuba kanjani kanye nokuthi iyiphi indlela engcono yokwelapha ingane yakho uma kwenzeka igula. Iphinde ibe nemininingwane ebaluleke kakhulu, echaza indlela engcono yokunakekela ingane yakho. Sicela uze nayo lapho uhambisa ingane yakho esibhedlela.

Imigomo

Imigomo ngezinye izikhathi ibizwa ngokuthi “yi-Immunisations”, ngoba imigomo yenza umzimba wakho ungangenwa yizifo. Ifundisa umzimba wakho indlela yokulwa nezifo.

Yonke ingane eNingizimu Afrika ivumelekile ukuthola imigomo ethile. Le migomo inikezwa ngezikhathi ezihlukahlukene, kuye ngobudala esebenza kangcono kubo. Kubaluleke kakhulu ukuthi ingane yakho iyithole le migomo, ngoba ivimbela izifo ezibucayi kakhulu. Uma ngenxa yanoma yisiphi isizathu ingane yakho ingakwazi ukuthola umgomo, kubalulekile ukuba uye emtholampilo ukuze umthamo wokweqiwa yisikhathi. Lokhu kuzosiza ekuvikeleni ingane yakho.

Nalu uhlu lwezinye zezifo umgomo osiza ekuzivimbeleni:

  • Uvendle: uhlobo lwesifo olungenza abantu bakhubazeke
  • Uhlobo oluthile lwesifo sengqondo
  • I-Hepatitis B: isifo sesibindi
  • I-H. Influenzae: ibhaktheriya engabangela isifo samaphaphu
  • I-Rotavirus: lokhu kubangela uhlobo oluyingozi lwesifo sohudo
  • I-Streptococcus Pneumonia: ibhaktheriya ebangela isifo samaphaphu noma ngisho nesifo sengqondo
  • I-Typhoid: isifo esingabangela ukuba ingane yakho ibe nesifo esibi sesisu
  • I-Tetanus: leli yibhaktheriya elingabangela isifo esisongela ukuphila lapho khona amamasela emzimbeni eqina angavumi ukukhululeka

Funda okwengeziwe ngendlela imidlavuza esebenza ngayo encwajaneni yethi ethi “Imigomo”.

Tags
  • Child Care
    Baby Care
    Infant
    Pregnancy
    Breastfeeding