Umlilo

Post cover image

Izingozi Zomlilo

Umlilo uyingozi kakhulu lapho ungalawulwa. Ungasabalala kalula, ikakhulukazi lapho kunomoya, komile futhi kushisa. Umlilo ongalawulwa ungasabalala usuka kwenye indlu udlulele kwenye, ikakhulukazi lapho izindlu zabantu zisondelene. Umlilo ungaqalwa yiparafini, ugesi kanye ne-gas.

Ukuvimbela Umlilo ekhaya

  • Ungaxhumi izinto eziningi epulagini kagesi eyodwa.
  • Ungashiyi amabhodwe engagadiwe esitofini lapho upheka.
  • Uma usebenzisa amakhandlela, qinisekisa ukuthi ikhandlela ngeke liwe kalula. Enye yezindlela zokwenza lokhu, ukugcwalisa ibhodlela ngesihlabathi bese ufaka ikhandlela kulo.
  • Qinisekisa ukuthi onke amakhandlela, izimbawula noma izitofu zicishiwe lapho uyolala.
  • Fundisa izingane zakho ukuba ziqaphe kakhulu lapho ziseduze komlilo futhi ziqaphe nezinto ezingabangela umlilo.
  • Gcina umentshisi kanye nezinto zokuqala umlilo zisendaweni engeke ifinyelelwe yizingane.
  • Qinisekisa ukuthi isitofu ngeke siwe.
  • Ungazishiyi zodwa izingane ukhanyise ikhandlela noma isitofu endlini. Amagedlela nawo ayingozi. Izingane eziningi ziye zidonse intambo yegedlela okungabangela ukuba ingane ithelwe amanzi ashisayo asegedleleni bese isha.

Okufanele ukwenze uma kuba nomlilo

Zama ukungethuki. Uma kubasa umlilo epanini lokupheka, ungaphonsi amanzi kulo. Cisha ukushisa kwesitofu noma ubeke isivalo epanini. Ungakwazi ukumisa umlilo ngokuphonsa inhlabathi noma isihlabathi kuwo. Uma kunomlilo omkhulu obhebhethekayo, thintana nabezicishamlilo ngokushayela ku-10177.

Zama ukukuyisa endaweni ephephile wena nalabo abaseduze kwakho.

Uma othile eshile, faka ingxenye yomzimba eshile ngaphansi kwamanzi kampompi futhi ubize i-ambulensi uma ukusha kukubi futhi kuvame indawo enkulu. Ungafaki ibhotela noma amafutha endaweni eshile.

Related Posts

Tags
  • Fire
    Safety
    Child Care
    Baby Care