FASD

Post cover image

Iyini i-FASD?

I-Fetal alcohol spectrum disorders (FASD) yiqembu lezinkinga zempilo ezivela kumuntu uma umama wakhe ebephuza utshwala ngesikhathi ezithwele yena. Imithelela ingaba ngokomzimba, ngokokuziphatha kanye nokuphazamiseka kokukwazi ukufunda. Esikhathini esiningi, abantu abane-FASD baba nengxube yalezi zinkinga. INingizimu Afrika inenani eliphakame elibikiwe le-FASD.

Kwenzekani lapho umuntu ephuza utshwala ngesikhathi ekhulelwe?

I-FASD iwumphumela wokuphuza utshwala phakathi nokukhulelwa. Lapho utshwala bungena egazini lomuntu okhulelwe, buyahamba buye enganeni engakazalwa. Lokhu kungaba nemithelela elimazayo embungwini osakhula kanye nasengqondweni esakheka.

Izimpawu nezinkinga ze-FASD

Ezingomzimba
  • Isisindo esiphansi somzimba
  • Ukuba mfushane ngaphezu kokuvamile
  • Ikhanda elincane
  • Ukubukeka kobuso ngendlela engavamile, njengamehlo amancane, udebe olungenhla oluncane kanye nokuba bushelelezi kwendawo ephakathi kwekhala nodebe olungenhla (le ndawo ibizwa ngokuthi yi-philtrum)

Ukusebenza nokuziphatha
  • Umzimba awusebenzi ngendlela ehlelekile
  • ukukhishwiza ngokweqile
  • ubunzima bokugxilisa ingqondo
  • ukukhohlwa
  • izinkinga zokufunda
  • ukubambezeleka kokukhuluma nokufunda ulimi
  • ukungakwazi ukucabanga nokwahlulela
  • izinkinga zokulala nokumunca ngesikhathi iwusana
  • izinkinga zokubona noma zokuzwa

Ukuvimbela

Ukuze uvimbele ingane yakho ukuba ibe ne-FASD, kumelwe ungaphuzi lapho ukhulelwe. Asikho isikhathi ongathi ngaso sekwephuzile ukuyeka ukuphuza utshala uma umuntu ephuza ngesikhathi ekhulelwe. Lapho ushesha ukuyeka ukuphuza utshwala, iba ngcono imiphumela enganeni.

Ukulawula

Ayikho indlela yokuqeda i-FASD. Nokho, izindlela zokwelapha isencane ingane zingasiza ekuthuthukeni kwengane:

  • Yisa ingane okhathazeke ngayo isencane emtholampilo noma kudokotela ukuze isheshe ihlonzwe futhi ibhalisele nesibonelelo sokukhubazeka
  • ikhaya elinothando nelikhathalelayo
  • ukubandakanyeka emfundweni ekhethekile

Yisa ingane okhathazeke ngayo isencane emtholampilo noma kudokotela ukuze isheshe ihlonzwe futhi ibhalisele nesibonelelo sokukhubazeka

I-NGO, i-FASFacts ifundisa imiphakathi kanye nezwe lonkana mayelana nemiphumela yokuphuza utshwala lapho ukhulelwe ezinganeni ezingakazalwa. I-FASFACTS iphinde ibungaze lokhu:

I-Pregnant Women Mentoring Programme (PWMP)

I-PWMP iwuhlelo lwezinyanga ezingu-12 lokungenelela olusiza abesifazane abakhulelwe ukuba bagweme ukusebenzisa izidakamizwa ngesikhathi bekhulelwe nangesikhathi bencelisa. Sebenzisa ikhasi lezinsiza ezengeziwe ukuze uxhumane nalezi zinhlangano noma usebenzise izinombolo ezingezansi:

Related Posts

Tags
  • Alcohol
    Substance Abuse
    Pregnancy
    Baby Care
    Drink