Impilo Yezocansi

Post cover image

Impilo yezocansi ihlanganisa ukubheka ucansi ngendlela efanele, ehloniphekile nejabulisayo. Ucansi kufanele lwenziwe abantu ababili noma ngaphezulu abadala nabavumelene ngendlela ephephile nengaphoqiwe. Funda ngempilo yezocansi kanye nezinkinga zokuya ocansini ochungechungeni lwethu lwempilo yezocansi.

Ngenxa yokuthi umzimba wakho uye wasondelana kakhulu nomzimba womunye, ezinye izifo zingasabalala ngoketshezi lomzimba. Yingakho kubalulekile ukusebenzisa isivikelo lapho uya ocansini. Ukusebenzisa ikhondomu kuvikela wena ekusabalaliseni nasekutholeni izifo ezinjenge-HIV. Nali icebiso lokusebenzisa ikhondomu, ungakusebenzisi okokugcoba okufana namafutha engane noma uvaselina, lokhu kwenza ikhondomu idabuke kalula, kunalokho sebenzisa ama-lubricants enziwe ngamanzi.

Uma ungafuni ukuba nezingane ngaleso sikhathi, kungcono ukusebenzisa enye yezindlela zokuvimbela inzalo ezichazwe encwajaneni Yokuhlela umndeni kulolu chungechunge

Incwajana yethu emayelana Nenhlekelele yokudlwengulwa ihlinzeka ngemininingwane emayelana nalokho ongakwenza lapho kukhona udlame locansi. Kukhona nencwajana echaza izinto zokuvimbela inzalo ezimweni eziphuthumayo kanye nokunqamula ukukhulelwa uma unokukhulelwa ongakufuni. 

Izinkinga zokuya ocansini zingavela, lapho khona othile engenaso isifiso socansi noma isifiso sakhe siphazamisekile noma engasabeli kahle kwezocansi. Lokhu kubangela ingcindezi engokomzwelo kanye nokunganeliseki kubo bonke ababandakanyekayo. Uma ufuna ukufunda okwengeziwe ngezinkinga zokuya ocansini, vakashela izinsiza ezengeziwe (asiqiniseki ukuthi lokhu kufanele kube incwajana noma insiza nje eyengeziwe). 

Izingane kanye nokuhlukunyezwa ngokocansi

Kubalulekile ukuvikela izingane ekuhlukunyezweni ngokocansi. Qaphela ukuthi ingane yakho uyishiya nobani futhi uqinisekise ukuthi uqaphela noma yiziphi izimpawu ingane yakho engase izisebenzisele ukucela usizo. Funda incwajana yethu yenhlekelele yokudlwengulwa ukuze uthole imininingwane nosizo.

Ubani ongamthinta

Amaphoyisa angakusiza lapho uye wahlukunyezwa ngokocansi. Angakutshela ukuthi ungabonana nobani. Odokotela kanye nosonhlalakahle nabo bangakusiza. Sebenzisa iwebhusayithi yoMnyango Wokuthuthukiswa Komphakathi ukuze uthole usizo futhi uthole okwengeziwe ngodlame olubhekiswe kubantu bobulili obuthile (gbv.org.za).

Kukhona nezinhlangano ezingasiza, njengethi “People Opposed to Woman Abuse”, ungabashayela ucingo lapha (011 642 4345) noma uye kuwebhusayithi yabo (http://www.powa.co.za).

Uma izingane zihlukunyezwa ngokocansi ungathinta i-Childline South Africa ngokubashayela lapha (0800 055 555) noma ngokuya kuwebhusayithi yabo (http://www.childlinesa.org.za/). Ungathinta i-Child Welfare South Africa ngokushayela lapha (074 080 8315) noma ngokuya kuwebhusayithi yabo (http://childwelfaresa.org.za/).

Imindeni ebhekene nokuhlukunyezwa ngokocansi ingathinta i-Families South Africa (FAMSA) ukuze ithole usizo. Ungashayela lapha (011 975 7106/7) noma uye kuwebhusayithi yabo (http://www.famsaorg.mzansiitsolutions.co.za/).

Ungafinyelela yonke le mininingwane yokuxhumana ekhasini lezinsiza ezengeziwe. Kukhona nezinye izinhlangano eziningi ezingasiza.

Related Posts

Tags
  • Sexual Health
    Abuse