I-Rheumatoid Arthritis

Post cover image

Iyini i-Rheumatoid Arthritis (RA)


I-Rheumatoid arthritis yisifo samasosha omzimba esithinta ngokuyinhloko amalunga omzimba. Isifo samasosha omzimba senzeka lapho isivikelo esingokwemvelo somzimba – amasosha omzimba – ezihlasela wona ngokuyiphutha. Akukaqondwa ukuthi kungani lokhu kwenzeka.

Ku-Rheumatoid Arthritis, lokhu kuhlasela kubangela ukuvuvukala okungamahlala khona. Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kuvuvukala okungamahlala khona kubangela umonakalo ezindaweni ezizungezile. Nakuba i-Rheumatoid arthritis ngokuyinhloko ithinta amalunga, ingazithinta nezinye izingxenye zomzimba – sizoxoxa kabanzi ngalokhu njengoba siqhubeka nale ncwajana.



Ibangelwa yini i-Rheumatoid Arthritis?

Ayaziwa ngokuphelele imbangela ye-rheumatoid arthritis, kodwa kukholelwa ukuthi ihlobene nezici ezingaphezu kwesisodwa kanye nenhlanganisela yofuzo kanye nendawo.

Ezinye zezici ezaziwayo eziyingozi ze-rheumatoid arthritis zihlanganisa:

  • Ukuba neminyaka engaphezu kwengu-50
  • Ukuba ngowesifazane
  • Ukubhema
  • Ukuba nelungu lomndeni eline-rheumatoid arthritis noma elike laba nayo

Izimpawu

I-rheumatoid arthritis yakheka kancane kancane njengoba isikhathi siqhubeka futhi ngokuvamile iba yimbi nakakhulu njengoba uqhubeka uphila nalesi sifo. Ngokwesibonelo, ingaqala elungeni elilodwa bese ngokuhamba kwesikhathi kuthinteke amalungu amaningi.

Isici esivame kakhulu se-Rheumatoid Arthritis yizinhlungu zelunga kanye nokuqina kwelunga okubangela ukuvuvukala kwalelo lunga. Ukuqina kwelunga ngokuvamile kuchazwa njengokuba kubi kakhulu ekuseni futhi kuhlale isikhathi esingaphezu kwengxenye yehora. Kungase kube nzimba nzima ukunyakazisa amalunga noma amalunga angase alahlekelwe amandla ngenxa yokuvuvukala.

Labo abane-Rheumatoid arthritis ngokuvamile bazizwa bekhathele noma bazizwe betubekile okungase kuhlale amahora amaningana. I-Rheumatoid arthritis ingase ithinte ezinye izitho zomzimba njengamehlo, amaphaphu, inhliziyo, imithamo yegazi, i-spleen, izinso, kanye nezinzwa.

Yimaphi amalunga avame ukuthinteka

Amalunga athintekayo angase abe bomvu, afudumale, abe buhlungu futhi aqine kube nzima ukuwanyakazisa. Ngokuvamile, i-Rheumatoid arthritis iqala kumalunga amancane ezandleni nasezinyaweni zakho bese ngokuhamba kwesikhathi isabalale kwamanye amalunga njengezihlahla, indololwane, ihlombe, intamo, inqulu, amadolo kanye namaqakala. I-Rheumatoid arthritis ngokuvamile ivela kuzo zombili izinhlangothi zomzimba wakho.

Ukuhlonzwa

Ukuze ahlonze i-Rheumatoid Arthritis udokotela wakho kuzodingeka ahlole igazi lakho ukuze abone izimpawu zokuvuvukala kanye nezimpawu zesifo. Uketshezi lungase ludonswe emalungeni oluzobe sekuhlolwa. Kungase kudingeke ukuba kwenziwe ama-X-rays ukuze kubonwe umonakalo obangelwe yisifo.

Ukwelapha Nokulawula

Ukwelashwa kwe-Rheumatoid arthritis kuhloselwe ukunciphisa ukuvuvukala. Ukunciphisa ukuvuvukala kuzosiza ekunciphiseni izimpawu futhi kuvimbele umonakalo owengeziwe emzimbeni. Udokotela wakho uzokutshela ukuthi yimiphi imithi ekulungele. Ngokuvamile, odokotela bazokunikeza imithi yokunciphisa izinhlungu kanye nohlobo lwemithi ebizwa ngokuthi ama-DMARD - Disease Modifying Anti-Rheumatic Drugs (njenge-Methotrexate). Ama-steroids nawo angase asetshenziswe ikakhulukazi lapho isifo sibhokile.

Ukuzivocavoca, i-Physiotherapy kanye Nokwelashwa emsebenzini kuyazuzisa kakhulu ekuvimbeleni ukulahlekelweni ikhono lokunyakazisa amalunga futhi kunciphise izimpawu.

Ngezinye izikhathi ukuhlinzwa kuyenziwa ukuze kushintshwe ilunga uma isifo sibucayi kakhulu.



Tags
  • Arthritis
    Rheumatoid Arthritis
    Joint Pain