I-Gout

Post cover image

I-Gout iwuhlobo lwesifo samathambo esivela lapho kune-uric acid eningi emzimbeni. I-uric acid yakheka lapho umzimba ugaya ukudla okuthile njengenyama ebomvu, izinto zasolwandle kanye notshwala. Amasosha omzimba (amaseli alwayo) ahlasela i-uric acid bese kwakheka amakristalu. La makristalu abe esebhajwa ezikhaleni eziphakathi kwamajoyinti bese lokhu kubangela ubuhlungu obukhulu kanye nokuvuvukala.

Yini ebangela i-Gout?

I-Gout ibangelwa yinkinga yokugayeka kwama-purines. Sithola ama-purines ekudleni esikudlayo. Ngokuvamile aphuma emzimbeni lapho uchama eyi-uric acid. Lapho kukhona i-uric acid eningi emzimbeni, amakristalu e-uric acid angaqoqana kumajoyinti bese lokho kubangela i-gout.

Yiziphi izici eziyingozi ze-Gout?

Ukungakhishwa ngendlela efanele kwe-uric acid

Lokhu kuvela lapho umzimba ungakwazi ukukhipha kahle i-uric acid. Lokhu kungabonwa ezigulini ezinesifo sezinso, iziguli ezisebenzisa i-diuretics (“amaphilisi amanzi”), ezinesifo senhliziyo, ezikhuluphele ngokweqile nezinesifo sikashukela.


Ukukhiqizwa kakhulu kwe-uric acid.

Lokhu kungabonwa ezigulini ezinezinkinga zegazi njenge-lymphoma, leukaemia, haemolytic anaemia nezinhlobo ezithile zomdlavuza.

Ukudla izinto ezinama-purines amaningi umzimba ohlulekayo ukuwagaya abe yi-uric acid

Lokhu kudla kuhlanganisa:

  • inyama ebomvu
  • izinto zasolwandle
  • utshwala
  • Inyama yangaphakathi (isibonelo, isibindi)

Ezinye izici eziyingozi zihlanganisa:
  • Ukuba owesilisa
  • Ukukhuluphala ngokweqile
  • Ukuba nezinkinga ezithile zempilo, kuhlanganise:
  • Ukuhluleka kwenhliziyo ukufutha igazi elanele
  • Umfutho wegazi ophakame
  • Ukungasabeli komzimba ku-insulin
  • I-Metabolic syndrome
  • Isifo sikashukela
  • Ukungasebenzi kahle kwezinso

Ziyini izimpawu ze-Gout?

I-Gout ayifani nezinye izinhlobo zesifo samathambo.

  • Ingavela emahoreni angu-24.
  • Ingathinta ilunga elilodwa ngesikhathi
  • Kunezikhathi lapho khona izimpawu ziba zimbi nakakhulu, okwaziwa ngokuthi ama-flares, kanye nezikhathi lapho kungabi khona zimpawu, okwaziwa ngokuthi yi-remission

Izimpawu ze-gout zihlanganisa:
  • Ubuhlungu obukhulu elungeni elithintekile
  • Ububomvu (ukudumba)
  • Ukuvuvukala

Amalunga avame ukuthintwa yi-Gout:

  • Uzwane olukhulu
  • Amaqakala
  • Maphakathi nonyawo
  • Amadolo

Ihlonzwa kanjani i-Gout?

Kufanele uvakashele udokotela uma unanoma yibuphi ubuhlungu bamalunga. Udokotela uzohlola amalunga akho.

Ukwenezela ekuhlolweni komzimba, i-gout ihlonzwa kusetshenziswa lokhu:

  • I-X-ray emalungeni athintekile
  • Isampula yoketshezi olususwe elungeni elithintekile ukuze kubhekwe amakristalu e-uric acid

I-Gout ingahlonzwa kuphela lapho ilunga lishisa, libomvu futhi luvuvukele.


Ihlonzwa kanjani i-Gout?

Ayikho indlela yokuqeda i-Gout kodwa ingelashwa ngemithi kanye nokushintsha indlela ophila ngayo.

I-Gout yelashwa ngemithi nangokwenza izinguquko zendlela yokuphila.

  • Ukuze unciphise izinhlungu kanye nokuvuvukala, imithi elwa nokuvuvukala (isibonelo, ibuprofen) iyasetshenziswa
  • Ungavimbela ukuhlaselwa yiyo nsuku zonke ngokusebenzisa imithi ye-prophylactic (isibonelo, i-colchicine)
  • Ukunciphisa i-uric acid egazini ngokunciphisa ukusebenzisa utshwala kanye nokudla okunama-purines amaningi nangemithi (isib, i-allopurinol)

Ungayilawula kanjani i-Gout?

Ukushintsha indlela yokuphila kuye kwabonakala kuthuthukisa izinga lokuphila kubantu abathintwe yi-gout

  • Ukudla ukudla okunempilo okune-purine encane
  • Ukunciphisa otshwaleni
  • Zivocavoce, okusiza ekunciphiseni isisindo somzimba futhi kunciphise ingozi yokuba nesifo singamahlala khona.

Imisebenzi engakhandli kakhulu njengokuhamba, ukubhukuda kanye nokugibela ibhayisikili kuyanconyelwa ukuze uvikele amalunga akho ekulimaleni

Joyina amaqembu afundisa ngokuzinakekela ukuze ufunde okwengeziwe mayelana nesifo kanye nendlela yokukwazi ukuzinakekela kangcono.

Related Posts

Tags
  • Gout
    Arthritis
    Joint Pain