I-chronic obstructive pulmonary disease (COPD)

Post cover image

I-COPD iyisifo samaphaphu esivamile lapho khona umgudu womoya uvimbeka okwenza kube nzima ukuphefumula. I-COPD iyathuthuka, okusho ukuthi iba yimbi nakakhulu ngokuhamba kwesikhathi.

Emaphashini anempilo, imigudu yomoya kanye namasaka omoya (lapho umoya-mpilo udlulela khona egazini bese umoya ongcolile ukhishelwa ngaphandle) ayanwebeka. Lapho uhogela umoya, amasaka omoya agcwala umoya bese lapho uwukhipha encipha, bese umoya uyaphuma.


Ku-COPD, kungena futhi kuphume umoya omncane emigudwini yomoya ngenxa yalokho:

  • Ukulahlekelwa ukunwebeka kwamasaka omoya
  • Izindonga ezilimele zamasaka omoya
  • Imigudu yomoya ejiyile nevuvukele
  • Imigudu yomoya evalekile


Imbangela

I-COPD ibangelwa ukuchayeka isikhathi eside ezintweni eziphatha kabi amaphaphu ezilimaza imigudu yomoya yamasaka omoya. Imbangela evamile ukubhema ugwayi kuhlanganise nokuhogela intuthu kagwayi.


Ukuchayeka isikhathi eside kwezinye izinto ezikuphatha kabi njengomoya ongcolile, intuthu yamakhemikhali noma uthuli kungafaka isandla ekuveleni kwe-COPD.

I-COPD ikhula kancane (abantu abaningi basuke beneminyaka engu-40 ubudala lapho izimpawu ziqala) futhi izimpawu ziba zimbi bese zikhawulela imisebenzi yansuku zonke.


Izinkomba nezimpawu

  • Ukukhwehlela okuqhubekayo okukhiqiza izikhwehlela eziningi
  • Ukuphelelwa umoya, ikakhulukazi lapho wenza imisebenzi
  • Ukunswininiza (umsindo ohlabayo lapho uphefumula)
  • Ukucinana kwesifuba

Ukwelapha nokuvimbela

Ayikabi khona indlela yokwelapha i-COPD. Indlela engcono yokuvimbela i-COPD ukuyeka ukubhema Kubalulekile nokuba ugqoke izingubo ezifanele zokuzivikela uma usebenza ngamakhemikhali noma ngothuli.


Ukwelashwa kuhlanganisa kodwa akupheleli lapho:

  • Ukushintsha indlela ophila ngayo: ukuyeka ukubhema kanye nokugwema izinto eziphatha kabi amaphaphu
  • Imithi enjengama-inhalers yokuvula imigudu yomoya ukuze kube lula ukuphefumula
  • Ukunikezwa umoya-mpilo ngamapayipi afakwa ekhaleni noma imaski yokwandisa amazinga aphansi omoya-mpilo egazini ezimweni lapho une-COPD ebucayi
  • I-pulmonary rehabilitation yabantu abanenkinga yokuphefumula engamahlala khona

I-COPD ingenza izinga lokuphila kwakho liwohloke kakhulu. Kwezinye izimo, iziguli ezine-COPD kudingeka ziqhubeke njalo zithola umoya-mpilo. I-COPD liphinde landise ingozi yokuba uye esibhedlela futhi utheleleke ngesifo samaphaphu.


Tags
  • COPD
    Chronic Obstructive Pulmonary Disease
    Bronchitis
    Emphysema
    Smoking