Ukusebenzisa utshwala ngokweqile

Post cover image

Ukuphuza utshwala ngokweqile kuyingozi empilweni yakho. Kungabangela izinkinga ezihlukahlukene empilweni yakho, enhlalakahleni yakho yomphakathi kanye nasesimweni sakho sezimali.

Ngokuvamile, okunconyelwayo njengamanje okubhekwa njengokusebenzisa utshwala ngendlela ephephile, ukungaphuzi okungaphezu kwamayunithi angu-14 ngeviki, ukunwebe ezinsukwini ezingu-3 noma ngaphezulu.

Umfutho wegazi ophakame

Kuye kwatholakala ukuthi utshwala wandisa ingozi yokuba nomfutho wegazi ophakeme. Waziwa ngokuthi umbulali othule, ngoba abantu bazizwa bephile saka kuyilapho umzimba ukhahlamezeka ngenxa yokuphakama komfutho wegazi. Lokhu kuphakama kungabangela umonakalo omkhulu emzimbeni wakho .

Ukukhuluphala

Utshwala bubangela ukukhuluphala. ukukhuluphala kwandisa ingozi yokuthola izifo eziningi.

Umdlavuza

Utshwala bungandisa izingozi zezinhlobo ezihlukahlukene zomdlavuza, njengomdlavuza wamathumbu, umdlavuza wesisu, umdlavuza wamanyikwe, umdlavuza wesibindi kanye nomdlavuza womphimbo, uma sibala nje okumbalwa.

Ukwanda kwamafutha egazini lakho

Utshwala bubangela ukwanda kwamafutha egazini, abizwa nangokuthi yi-cholesterol. La mafutha anamathela ezinhlangothini zemithambo yegazi, okubangela ukuphazamiseka kokugeleza okungadala amahlule, ukushaywa unhlangothi, ukushaywa yinhliziyo kanye nobuhlungu bamamasela lapho uzivocavoca.

Cancer

Alcohol can increase the risks of many different types of cancers, such as colon cancer, stomach cancer, pancreatic cancer, liver cancer and throat cancer, to name a few.

Ukuphuza Nokushayela

Ukushayela ngemva kokuphuza utshwala kuyingozi kakhulu futhi uzoboshwa amaphoyisa. Uma uphuza bese uyashayela, ubeka wena nabantu abasemotweni yakho kanye nabantu abasemgwaqeni engozini enkulu kakhulu. Kuwumthwalo wethu ukuba yizibonelo ezinhle kwabanye nokuqinisekisa ukuthi ukuphuza nokushayela akwenzeki. Kumelwe sigcinane siphephile emigwaqeni.

Indlela yokunciphisa okuphuzayo

Kungcono kakhulu ukuthi umuthi angabuphuzi nhlobo utshwala. Ukuze uphuze kancane futhi ube nempilo, faka amaqhwa amaningi eziphuzweni zakho. Uma usebenzisa okokuxuba, sebenzisa okunoshukela omncane noma okungenawo ushukela. Phuza ingilazi lamanzi ngemva kwesiphuzo sotshwala. Phuza okukodwa kunokuphinda

Ukuba umlutha wotshwala

Umuntu angaba umlutha wotshwala. Abantu abaningi abayimilutha yotshwala abazi ukuthi bayiyo. Imibuzo engezansi ingakusiza uthole ukuthi ingabe unenkinga yotshwala yini.

• Ingabe wake waba nomuzwa wokuthi udinga ukunciphisa otshwaleni?

• Ingabe wake wazizwa ucasuka lapho abantu begxeka indlela ophuza ngayo?

• Ingabe uke ushaywe unembeza ngokuphuza kwakho?

• Ingabe ngezinye izikhathi uke udinge ‘ukuqabula’ (utshwala) ekuseni ukuze uphaphame noma uqede ibhabhalazi?

Uma unomuzwa wokuthi ungase ube nennkinga yokuphuza ungathola usizo ku-Alcoholics Anonymous South Africa Xhumana nale nhlangano ngekhasi lezinsiza ezenezelwe zotshwala.

Tags
  • Substance Abuse
    Alcohol