Ukuwohloka komqondo

Post cover image

yini ukuwohloka komqondo

Ukuwohloka komqondo yigama elibanzi elichaza isifo esenza amandla okusebenza kwengqondo anciphe, phecelezi i-dementia. Ukwehla kwamandla okusebenza kwengqondo kwenzeka kunoma yikuphi okulandelayo:

  • ukugxilisa ingqondo
  • inkumbulo
  • ukuzilawula
  • ukucabanga ngezindlela ezihlukahlukene
  • ukufunda
  • ulimi
  • ukukwazi ukuxhumana nabanye nokuphila endaweni
  • ukuphilisana nabanye emphakathini

Lokhu kuncipha kwamandla engqondo kungabonwa abantu abasondelene nalowo muntu noma ngesivivinyo esingenziwa udokotela. Umuntu onesifo sokuwohloka komqondo ukuthola kunzima ukuphila yedwa futhi angase adinge ukunakekelwa othile.

Ngezinye izikhathi ukuwohloka komqondo kubizwa ngokuthi “yi-Neurocognitive Disorder”.

Izimbangela Zokuwohloka Komqondo

Ziningi izinto ezingabangela Ukuwohloka Komqondo noma i-Dementia or Neurocognitive Disorder. Nazi izimbangela ezimbalwa, kodwa hhayi zonke, kanye nezincazelo zokuthi zikubangela kanjani ukuwohlola komqondo.

i-Alzheimer’s Disease

Abantu abanalesi sifo banokunqwabelana kwephrotheni ethile engqondweni yabo ebangela ukuphazamiseka kokusebenza kwayo.

I-Vascular Disease

Lapha imithambo yegazi ayikwazi ukuthumela kahle igazi engqondweni okubangela ukuncipha kokusebenza kwayo. Lokhu kwenzeka ngokwemvelo ngenxa yokuguga, noma kungabangelwa yizinto ezilimaza imithambo yegazi, njengokubhema.

i-Traumatic Brain Disease

Ukulimala kwengqondo, okwenzeka engozini yemoto noma ukulimala kwekhanda okuphindaphindiwe (njengasemidlalweni ethile) kungabangela ukuwohloka komqondo kamuva ekuphileni.

Ukusebenzisa kabi izidakamizwa

Ukusebenzisa izidakamizwa noma ukuphuza utshwala kwandisa amathuba okuwohloka komqondo.

Ukutheleleka nge-HIV

Uma ukutheleleka nge-HIV kungalawulwa kahle ngemithi, ukuwohlola komqondo kungenzeka.

Ukuphila nokuwohloka komqondo

Ezimweni eziningi ukuwohloka komqondo akuhlehliseki. Kodwa kuya ngembangela nokuthi imbangela ingavinjwa noma ihlehliswe.

Ngenxa yokuthi abantu abadala basengozini enkulu yokuba nesifo sokuwohloka komqondo, kubalulekile ukubanakekela. Uma ucabanga ukuthi umuntu omdala emndenini wakho unesifo sokuwohloka komqondo, qinisekisa ukuthi ubonwa njalo amalungu omndeni futhi umhambise kudokotela uma ukhathazeke ngempilo yakhe.

Tags
  • Dementia
    Alzheimers
    Neurocognitive Disease