Ukwethula Impilo Yengqondo

Post cover image

Iyini impilo yengqondo enhle?

Ukuba nempilo yengqondo enhle kusho ukuthi uyakuqaphela okwazi ukukwenza, uyakwazi ukubhekana nokucindezeleka okuvamile kokuphila, uyakwazi ukusebenza kahle nangendlela ezuzisayo ukuze ufake isandla ekusizeni umphakathi wangakini. Ukuba nenkinga yengqondo kusho ukuba nento ethile engakuvumeli ukuba ube nempilo enhle yengqondo.

Izinkinga zengqondo zifana nanoma yikuphi okunye ukugula futhi kumelwe zelashwe ngendlela efanayo. Kunezinhlobo ezihlukahlukene zezinkinga zengqondo. Izibonelo zezinkinga zengqondo yi-bipolar disorder, isifo sokucindezeleka, ukukhathazeka, i-chizophrenia, ukuwohloka komqondo kanye ne-autism. Inkinga yengqondo ingabangela ingcindezi enkulu futhi kungalithinta kakhulu izinga lokuphila. Uma unenkinga yengqondo, kubalulekile ukwazi ukuthi abantu abaningi banayo le nkinga nokuthi ziningi izindlela zokwelapha nokulawula lokhu.

Yini ebangela inkinga yengqondo?

Ziningi izinto ezingabangela inkinga yengqondo. Izinto ezinjengempi ezweni lakini, ukucindezeleka, ukubhekana nesehlakalo esihlukumezayo kanye nokusebenzisa izidakamizwa kungabangela inkinga yengqondo. Abantu bayakwazi ukuzalwa benenkinga yengqondo. Kuyaqondwa nokuthi kungase kube khona izici zofuzo ezibandakanyekayo, okungukuthi inkinga yengqondo ingaba yinto esemndenini.

Yini okufanele uyenze?

Ezinye izinkinga zengqondo zingaphuculwa ngokushintsha indlela ophila ngayo, ngokwelashwa ngaphandle kwemithi kanye nokwelashwa ngemithi. Kunohlu lwezinto ongazenza:

  • Ukudla ngendlela enempilo
  • Ukulala ngokwanele
  • Ukuzivocavoca
  • Ukusekela izingane zakho
  • Ukuchitha isikhathi nabangane kanye nokusekelana
  • Cela usizo uma uzizwa udabukile, ucindezelekile noma ukhathazekile
  • Uma unomuzwa wokuthi unenkinga yokusebenzisa kabi izidakamizwa, cela usizo kudokotela wakho

Uma unomuzwa wokuthi uyahluleka ukubhekana nesimo, bakhona ongoti abangakusiza.

Ubani okufanele uye kuye?

Ukuba nenkinga yengqondo kufana nokuba nolunye uhlobo lwesifo. Kudingeka welashwe. Laba ngodokotela, onesi kanye nezazi zokusebenza kwengqondo ezingasiza abantu abanenkinga yengqondo.

Uma unenkinga yengqondo, noma uma unomuzwa wokuthi udinga usizo lwenkinga yengqondo, kumelwe ubonane nalaba bantu abangakusiza. Kwezinye izinkinga zengqondo, ikhona imithi engase isize, ngakho kuwumqondo omuhle ukubonana nodokotela wakho.

Related Posts

Tags
  • Mental Health
    Anxiety
    Depression