Ukugula Ngengqondo Okubangelwa Ukusebenzisa Kabi Izidakamizwa

Post cover image

INingizimu Afrika inamanani athusayo okusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Kuye ngokuthi yisiphi isidakamizwa esisetshenziswayo, ukusebenzisa isidakamizwa noma ukusebenzisa isidakamizwa ngokweqile kungabangela inkinga yengqondo ebizwa ngokuthi yi-psychosis ebangelwe izidakamizwa. Funda incwajana yethu emayelana nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa ukuze ufunde okwengeziwe futhi uthole izinsiza ezimayelana nalapho ungathola khona usizo.

Iyini i-Psychosis

I-Pyschosis iyisifo esibangela ukuba umuntu angakwazi ukuhlukanisa izinto ezingokoqobo nezingezona ezingokoqobo. Lokhu kwenzeka lapho umuntu eba nophawu olulodwa noma ngaphezulu kulezi ezilandelayo:

Ukubona izinto ezingekho

Ukubona izinto ezingekho kwenzeka engqondweni yomuntu bese ekholelwa kakhulu ukuze zingokoqobo. Lokhu kungaba ukuzwa amazwi, ukubona izinto, ukuhogela amaphunga noma ukuzwa ngathi uhanjwa yizinto esikhunjeni.


Ukukholelwa izinto ezingekho

Ukukholelwa izinto ezingekho kwenzeka lapho umuntu enezinkolelo eziqinile ezingahambisani nokungokoqobo. Isibonelo sokukholelwa izinto ezingekho yilapho khona umuntu ekholelwa ukuthi ungunkulunkulu noma unobuhlobo obuthile nosaziwayo.


Iyini i-Psychosis ebangelwa zizdakamiswa

I-psychosis ebangelwa ukusebenzisa izidakamizwa iwukuba khona kophawu olulodwa noma ezimbili kulezi phakathi noma ngemva nje kokusebenzisa isidakamizwa noma lapho isidakamizwa sesiphela emzimbeni. Lokhu kungabangela ukuphazamiseka ekuphileni komuntu, ekuphileni kwakhe komphakathi nakwezinye izingxenye zokuphila. Lokhu kuphinde kubangele ingcindezi endaweni ezungezile.



Zeziphi Izinto ezibangela i-psychosis

  • Ama-cannabinoids: Insangu kanye ne-Hashish
  • Izikhuthazi: i-cocaine (Coke, blow, ice), i-methamphetamine (Tik, meth), i-MDMA (Ecstasy)
  • Okuhogelwayo: i-petro, upende, i-glue
  • Ama-opioids: i-heroin (smack) ne-opium

Ukulawula

Ukulawula i-pyschosis ebangelwa yizidakamizwa kubandakanya ongoti abaningi abanakekela impilo. Lokhu kuhilela ukwelashwa, ukwelulekwa kanye nokuyekiswa ukusebenzisa kabi izidakamiswa kanye nokuqhubeka nemizamo yokushintsha indlela umuntu asebenzisa ngayo izidakamizwa. Le ncwajana izoxoxa kafushane ngemithi esetshenziselwa ukwelapha i-psychosis:

Amanye amayeza anokunikezelwa ngeli xesha anokubandakanya:

  1. Ama-antipsychotics (haloperidol, clozapine) ukunciphisa izimpawu
  2. I-benzodiazepines ukuze unciphise izimpawu kanye nokukhathazeka.

Indawo ongathola kuyo usizo

Kukhona izindawo eziningi lapho khona abantu abathintwa yi-pychosis ebangelwa yizidakamizwa bengafuna khona usizo, ngokuqondile noma ngokungaqondile. Bheka izinsiza ezincwajaneni ezilandelayo zendawo ongathola kuyo usizo:

  • Utshwala
  • Ukusebenzisa kabi utshwala
  • Impilo yengqondo
Tags
  • Mental Health