Izinhlungu Emhlane

Post cover image

Izinhlungu emhlane ziyinto abantu abaningi ababhekana nayo ekuphileni kwabo. Ziningi izimbangela zezinhlungu emhlane okuzoxoxwa ngazo kule ncwajana.

Kubaluleka ukuqonda ukwakheka komhlane/umgogodla Umgogodla wakhiwa yilokhu:

  • ehlukaniswa yi-disc yoqwanga (i-disc eluhlaza emfanekisweni)
  • umgogodla phecelezi i-spinal cord (okuphuzi), oqukethe izinzwa ezenza amamasela akho asebenze futhi kukunikeze umuzwa esikhunjeni sakho
  • izinzwa zisuka emgogodla zihambe ngezikhala ezincane phakathi kwethambo ziye ezicubini nasesikhunjeni sakho
  • imisipha namamasela


Njengoba umuntu ekhula, amathambo noqwanga (ingxenye eluhlaza) kuqala ‘ukuwohloka’, okusho ukuthi kuyonakala kuphelelwe amandla kanye nokwakheka kwasekuqaleni. Ngenxa yalokhu, kungase kube khona izinkinga ngokwakheka komgogodla. Lokhu kungaholela ekubeni nezinhlungu emhlane.


Ngezinye izikhathi, izinzwa esisuka emgogodla zingancinzwa amathambo noma uqwaga, okuholela ezinhlungwini eziya emlenzeni wakho.


Izinhlungu ezisemhlane ngezansi kubantu abadala ngokuvamile kuba yilezo ezibizwa ngokuthi ‘mechanical back pain’. Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi ingxenye engezansi emhlane ingaphansi kwengcindezi ngenxa yokunyakaza kakhulu, futhi njengoba umuntu ekhula kube sekuvela izinhlungu. Ngokuvamile, lolu hlobo lwezinhlungu ezisemhlane ngezansi zibangelwa ukuthwaliswa umthwalo omkhulu, ikakhulukazi ukuba nesisindo esikhulu.


Ngakho, ungaluvimbela futhi ulwelaphe lolu hlobo lwezinhlungu emhlane ngokuqinisekisa ukuthi uyasilawula isisindo sakho futhi siba sezingeni elifanele. Sebenzisa ingxenye ethi ‘Umgomo Wesisindo’ ku-app uma udinga ukunciphisa isisindo somzimba.


Zikhona nezinhlobo ezibucayi zezinhlungu emhlane. Ngezansi kukhona uhlu olude lwezinkomba ezibonisa ukuthi kufanele ubone udokotela.

  • Ukuphazamiseka kwesinye namathumbu (ukuqunjelwa yisisu noma ukungakwazi ukuzibamba)
  • Ukuba ndikindiki kwezinqe noma imilenze
  • Ukuba buthaka komlenze noma ubunzima bokuhamba
  • Ukulimala kwakamuva
  • Izinhlungu ezibucayi ezivela ngokungazelelwe ngenhla kwesisu ezihambisana nesicanucanu noma ukuphalaza
  • Izinhlungu endaweni emaphakathi emhlane
  • Uma ubulokhu ukwehlela, ujuluka ebusuku, uncipha emzimbeni noma unomkhuhlane
  • Uma uneminyaka engaphansi kwengu-20 noma ungaphezu kweminyaka engu-50 ubudala
  • Uma izinhlungu ziphikelela futhi ziba zinkulu
  • Uma uke waba nomdlavuza ngaphambilini

Yiya emtholampilo oseduzane uma unanoma yikuphi okungenhla okuhambisana nezinhlungu zakho emhlane.


Tags
  • Back Pain
    Lower Back Pain
    Spine