Izibonelelo Zomphakathi

Post cover image

Izibonelelo zomphakathi zenzelwe ukuhlonipha amalungelo omnotho ezakhamuzi. Alawulwa yi-South African Social Security Agency (SASSA). Izibonelelo zomphakathi zinikezwa abantu abadinga uxhaso lukahulumeni ngenxa yobuthakathaka obuthile. Ngo-2020, bekukhona izibonelelo eziyisikhombisa ezinikezwayo:

  1. Isibonelelo sezingane
  2. Isibonelelo sabantu abadala
  3. Isibonelelo sabantu abakhubazekile
  4. Isibonelelo sokusiza
  5. Isibonelelo Sokusiza Izingane Ezinezinkinga Zempilo
  6. Isibonelelo Samaqhawe Empi

Ungafaka nesicelo Sesibonelelo Senhlekelele ukuze uthole usizo lwesikhashana.

Izibonelelo zomphakathi zitholwa abantu baseNingizimu Afrika, izakhamuzi ezinelungelo eligcwele kanye nababaleki. Izibonelelo ezibandakanya ukunakekelwa kwezingane (isibonelelo sezingane, isibonelelo sabantu abanakekela izingane ezinezinkinga zempilo, asitholakali kubantu abangababaleki)

Isibonelelo sezingane

Leli yinani elingu-R510 elinikezwa izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18 ezihlala nomnakekeli oyinhloko, bobabili kumelwe bahlale eNingizimu Afrika.

Ukufaneleka

  • isicelo esifakwe umnakekeli oyinhloko (umzali noma umnakekeli osemthethweni). Lokhu kuhlanganisa ingane eneminyaka engaphezu kwengu-16 eyinhloko yekhaya
  • not earn more than R52 800 a year if you are single, R105 600 a year combined income if married.

Indlela yokufaka isicelo

Yiya ehhovisi le-SASSA eliseduze nawe uphethe lokhu:

  • IUmazisi kanye nesitifiketi sokuzalwa sengane noma ubufakazi bokuthi usifakile isicelo se-ID kanye noma sesitifiketi sokuzalwa
  • Ubufakazi bokuqashwa kwakho kanye neholo noma ukungabi nalo (incwadi efungelwe evela e-SAPS)
  • Isitifiketi somshado uma sikhona
  • Uma udivosile, incwadi yasenkantolo efakazela imvume yokugcina ingane
  • Izitifiketi zokufa noma ubufakazi bokuthi umzali akekho (SAPS) uma kufaneleka.

Isibonelelo sabantu abadala

Isibonelelo sabantu abadala sikhokhelwa abantu abaneminyaka engu-60 noma ngaphezulu. Siyinani elingu-R2090 ngenyanga, kwenezelwe u-R20 uma ungaphezu kweminyaka engu-75.

Ukufaneleka

  • Lesi sibonelelo sinikezwa nababaleki abahlala eNingizimu Afrika
  • Akumelwe uthole esinye isibonelelo
  • Akumelwe unakekelwe yisikhungo sikahulumeni
  • Akumelwe uhole okungaphezu kuka-R86 280 ngonyaka uma ungashadile, noma u-R172 560 uma kuyinhlanganisela yeholo labantu abashadile.
  • akumelwe ube nempahla enengqikithi engaphezu kuka-R1 227 600 uma ungashadile no-R2 455 200 uma ushadile.

Indlela yokufaka isicelo

Yiya ehhovisi le-SASSA eliseduze uphethe lokhu:

  • Umazisi
  • Ubufakazi besimo somshado uma bukhona
  • Ubufakazi bendawo yokuhlala
  • Ubufakazi beholo kanye/noma nama-dividends uma ekhona
  • Ubufakazi bama-assets
  • Ubufakazi bempesheni yakho eyimfihlo uma ikhona
  • Isitatimende sasebhange sezinyanga ezintathu
  • Ubufakazi besikhwama somshwalense wokungasebenzi (UIF) uma ubusebenza ngaphambilini
  • Uma umuntu oshade naye eshone eminyakeni emihlanu edlule, ikhophi yencwadi yefa uma ikhona

Ilungu lomndeni noma umngane angafaka isicelo enzela umuntu omdala uma egula kakhulu noma emdala kakhulu ukuba aziyele ngokwakhe ehhovisi. Kumelwe ahlinzeke incwadi evela kumuntu omdala kanye/noma incwadi kadokotela echaza ukuthi kungani umuntu engeke akwazi ukuza.

Isibonelelo sabantu abakhubazekile

Lesi sibonelelo sikhokhelwa abantu abanokukhubazeka kwengqondo noma komzimba okubenza bangakwazi ukwenza izinto isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha. Inani eliphakeme elikhokhwa ngenyanga ngu-R 2090.

Kubizwa ngokuthi yisibonelelo sokukhubazeka sesikhathi esigcwele uma ukukhubazeka kuqhubeka isikhathi esingaphezu konyaka bese kubizwa ngokuthi yisibonelelo sesikhashana uma kungaphansi kwezinyanga ezingu-12 noma ngaphezu kwezinyanga ezingu-6.

Ukufaneleka

  • Uphakathi kweminyaka engu-18 kanye nengu-59 ubudala
  • Awunakekelwa yisikhungo sikahulumeni
  • Akumelwe uhole okungaphezu kuka-R86 280 ngonyaka uma ungashadile, noma u-R172 560 uma kuyinhlanganisela yeholo labantu abashadile.
  • Akumelwe ube nempahla enengqikithi engaphezu kuka-R1 227 600 uma ungashadile no-R2 455 200 uma ushadile.
  • Uhlolwe udokotela oqokwe uhulumeni ukuze abone izinga lokukhubazeka (yiza nerekhodi langaphambilini lezokwelapha)

Indlela yokufaka isicelo

  • Yiya ehhovisi lakho le-SASSA eliseduze uphethe lokhu:
  • Umazisi
  • Umbiko wezokwelapha kanye nombiko wokuhlolwa kokusebenza ukuze kuqinisekiswe ukukhubazeka
  • Ubufakazi besimo somshado
  • Ubufakazi bendawo yokuhlala
  • Ubufakazi beholo noma bama-dividends
  • Ubufakazi bama-asset, beholo bama-dividends uma bukhona
  • Ubufakazi bempesheni eyimfihlo uma bukhona
  • Isitatimende sasebhange sezinyanga ezintathu uma sikhona
  • Idokhumenti le-UIF uma uke waqashwa ngaphambilini
  • Ikhophi yencwadi yefa uma oshade naye eshone eminyakeni emihlanu edlule

Isibonelelo sokusiza izingane ezinezinkinga zempilo

Lesi yisibonelelo esitholwa abanakekeli abaphila nezingane ezinokukhubazeka okukhulu okudinga ukunakekelwa njalo kanye nokunakekelwa okukhethekile. Yinani elingu-2090 ngenyanga elitholwa ingane ize ibe neminyaka engu-18.

Ukufaneleka

  • Ofake isicelo kumelwe abe umzali, usinga mzali noma umnakekeli oyinhloko
  • Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika noma isakhamuzi esinelungelo eligcwele
  • Ingane kumelwe ikhubazeke kakhulu futhi idinge ukunakwa njalo ithole nokunakwa okukhethekile

Indlela yokufaka isicelo

Yiya ehhovisi le-SASSA eliseduze uphethe lokhu:

  • Umazisi nesitifiketi sokuzalwa
  • Umbiko wokuhlola impilo oqinisekisa ukukhubazeka
  • Ubufakazi besimo somshado
  • Isitatimende sasebhange sezinyanga ezintathu
  • Ubufakazi obubonisa ukuthi ungumnakekeli oyinhloko wengane
  • Idokhumenti le-UIF uma uke waqashwa ngaphambilini
  • Imvume yesimo sokuba umbaleki kanye nomazisi uma ungumnakekeli ongumbaleki wengane
  • Isinqumo senkantolo esibeka ingane ngaphansi kokunakekela kwakho uma ungusingamzali wengane

Isibonelelo samaqhawe empi

Lesi yisibonelelo sabantu ababengamasosha abalwa eMpini Yezwe Yesibili (1939-1945) noma eMpini YaseKorea (1959-1953) abangasakwazi ukuzinakekela. Kuba yinani elingu-R2110 ngenyanga.

Ukufaneleka

  • Isakhamuzi saseNingizimu Afrika noma isakhamuzi esinelungelo eligcwele
  • Kumelwe ahlale eNingizimu Afrika
  • Abe neminyaka engu-60 noma ngaphezulu ubudala noma aphile nokukhubazeka
  • Angatholi esinye isibonelelo somphakathi futhi anganakekelwa yisikhungo sikahulumeni
  • Akumelwe uhole okungaphezu kuka-R86 280 ngonyaka uma ungashadile, noma u-R172 560 uma kuyinhlanganisela yeholo labantu abashadile.
  • Akumelwe ube nempahla enengqikithi engaphezu kuka-R1 227 600 uma ungashadile no-R2 455 200 uma ushadile.

Indlela yokufaka isicelo

Yiza nalokhu okulandelayo ehhovisi le-SASSA eliseduzane:

  • Umazisi noma ubufakazi besicelo
  • Ubufakazi bokulwa empini, isib, isitifiketi sesevisi
  • Ukuhlolwa kwempilo noma umbiko ochaza ukuthi ngeke ukwazi ukusebenza uma uneminyaka engaphansi kwengu-60.
  • Ubufakazi besimo somshado

Isibonelelo Sosizo

Lesi sibonelelo esabantu abadala abasesibonelelweni somphakathi abangakwazi ukuzinakekela. Yisibonelelo esenezelwe sokukhokhela umuntu onakekela umuntu omdala, esiba ngu-R510 ngenyanga.

Ukufaneleka

  • Uthola kakade isibonelelo sabantu abadala, sokukhubazeka noma seqhawe lempi
  • Ukungakwazi ukuzinakekela, ukudinga ukunakekelwa njalo
  • Ukunganakekelwa yisikhungo esithola isibonelelo esivela kuhulumeni sokunakekela wena.

Indlela yokufaka isicelo

Yiza nokulandelayo ehhovisi le-SASSA eliseduzane:

  • Umazisi
  • Ubufakazi besimo somshado kanye nemininingwane yomuntu oshade naye uma kufaneleka
  • Umbiko wempilo noma ukuhlolwa kwayo enkathini engaphansi kwezinyanga ezintathu ebonisa isidingo sokunakekelwa isikhathi esigcwele

Isibonelelo sokuba usinga mzali

Lesi isibonelelo sokunakekela ingane ongusingamzali wayo. Kuba yinani elingu-R1130 ngenyanga ingane ngayinye.

Ukufaneleka

  • Ofake isicelo kumelwe abe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika, isakhamuzi esinelungelo eliphelele noma umbaleki
  • ingane kumelwe ibe ngaphansi kokunakekela kwakho ngokomthetho futhi ihlale inakekelwa nguwe

ingane kumelwe ibe ngaphansi kweminyaka engu-18 ubudala.

Indlela yokufaka isicelo

Yiza nokulandelayo ehhovisi le-SASSA eliseduzane:

  • I-ID yakho kanye nezitifiketi zokuzalwa zengane
  • Uma ungumbaleki, isimo sakho semvume kanye ne-ID yombaleki
  • isinqumo senkantolo esibeke ingane ekunakekeleni kwakho
  • Ubufakazi besimo sakho somshado

Izibonelelo zomphakathi zikhokhwa kanjani?

I-SASSA ikhokhela zonke izibonelelo ngalezi zindlela ezilandelayo:

  • Ukuthola imali endaweni ethile ngosuku oluthile
  • Ukuyithola ebhange lakho noma ku-akhawunti ye-Postbank
  • Izikhungo ezisebenza njengomqondisi wesibonelelo

Isibonelelo sezinhlekelele

Lesi sibonelelo sihloselwe ukuba sibe usizo lwesikhashana kubantu abaswele kakhulu. Sinikezwa izinyanga ezinthathu futhi kunganezelwa ezinye ezintathu.

Izibonelo

  • Usizo lwezimali ngesikhathi ulinde ukuba isibonelelo somphakathi siphroseswe
  • Inhlekelele yemvelo
  • Inhlekelele, ngokwesibonelo, ukusha kwendlu
  • Awufaneleki ukuthola isibonelelo, kodwa usesimweni esibucayi
  • Awukwazi ukusebenza isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithuba ngoba impilo ayivumi
  • Awukwazi ukuthola imali yesondlo komunye umzali wengane yakho
  • Ukuboshwa noma ukufa komuntu onakekela umndeni

Yini oyitholayo

Lesi sibonelelo sihlukile esifundazweni ngasinye Usizo lungase lube yimali noma lube amavawusha okudla. Isibonelelo esingu-R350 esikhokhelwe nge-Coronavirus COVID-19 ngo-2020 siyisibonelelo somphakathi ngezikhathi zenhlekelele.

Indlela yokufaka isicelo

Yiza nokulandelayo ehhovisi le-SASSA eliseduzane:

  • Umazisi kanye nesitifiketi sokuzalwa kwengane
  • Isitatimende esifungelwe/incwadi efungelwe echaza izimo zakho:
  • Ufaka isicelo sesibonelelo
  • Ube nesimo esiphuthumayo
  • Awunakho ukwesekwa

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Isicelo sakho sizophroseswa ngokushesha
  • Ngisho noma ungenawo wonke amadokhumenti, uzothola iphasela lakho lokuqala lokudla, ivawusha noma imali
  • Thatha amadokhumenti asele, uma ekhona, uwase ohhovisi le-SASSA ngaphambi kwenkokhelo yesibili
  • Uma kungekho shintsho ezimweni zakho ngemva kwezinyanga ezintathu, ungase ufake isicelo sokwenezela izinyanga ezintathu
Tags
  • Social Grants
    Grants
    SASSA