Isisindo somzimba

Post cover image

Kungani kufanele usiqaphe isisindo somzimba wakho?


Ukukhuluphala noma ukukhuluphala ngokweqile kubi empilweni yakho. Kungabangela i-hypertension (umfutho ophakeme wegazi), umdlavuza, isifo sikashukela, izinkinga zokulala nezamalunga kanye nenkinga yomhlane uma sibala nje okumbalwa. Umuthi ulinganiselwe kulokho ongakwenza kulezi zinkinga zempilo futhi ezimweni eziningi ukunciphisa umzimba kukodwa kungazelapha lezi zifo. Kubalulekile ukwazi ukuthi ukukhuluphala kwenza ukwelashwa nokuhlinzwa kube nzima nakakhulu. Kwezinye izimo, odokotela abakwazi ukuhlinza iziguli ezikhuluphele kakhulu ngoba kuyingozi kakhulu.

Akulula ukunciphisa umzimba, kodwa kungasiza ekuvimbeleni izinkinga eziningi esikhathini esizayo. Uma ukhuluphele, isisindo esengeziwe singalimaza amalunga ngezansi emhlane, emadolweni nasemaqakaleni. Izinga lokuphila kwabantu abaningi liphucuka kakhulu ngemva kokwehlisa isisindo somzimba.

Ukuze unciphise isisindo somzimba, phucula indlela odla ngayo futhi wandise izinga lokuzivocacova. Ungabonana nesazi sezokudla ukuze uthole usizo lokudla ngendlela efanele. Funda okwengeziwe ngomsoco kanye nokuzivocavoca ezincwajaneni zethu. Qapha ukwehla kwesisindo sakho somzimba ngokuzikala futhi ubone indlela oqhuba ngayo ngaphansi kokuthi “Imigomo”. Lapha ungalandelela i-Body Mass Index (BMI) yakho. Lokhu kubonisa ukuthi isisindo somzimba wakho siyavumelana yini nobude bakho.

Indlela ephumelelayo yokunciphisa isisindo somzimba

Amacebiso ukunciphisa isisindo somzimba:

To lose weight, improve your diet and increase your exercise. You can also see a dietician for more diet help. Read more about nutrition and exercise with our booklets.

  • Yandisa imisebenzi evocavoca umzimba
  • Izilinganiso ezincane zokudla
  • Nciphisa ushukela ongadingeki, njengeziphuzo ezinoshukela, ushukela kwikhofi/itiye njll
  • Phuza amanzi amaningi ahlanzekile
  • Thola ukwesekwa kubangane nasemndenini

Ungakwazi ukuqapha ukwehla kwakho kwesisindo ngokuzikala futhi ubone ukuthi wenza kanjani ngaphansi kokuthi "Imigomo". Lapha ungakwazi futhi ukulandelela i-Body Mass Index (BMI) yakho. Lokhu kubonisa ukuthi isisindo sakho sifanelekile yini ubude bakho.



Related Posts

Tags
  • Weight Loss
    BMI