Isifo sokucindezeleka/Depressive disorder

Post cover image

Isifo sokucindezeleka

Izimo ezibuhlungu njengokulahlekelwa noma ukucindezeleka kungabangela ukuba umuntu abe nesifo sokucindezeleka. Nokho i-depressive disorder ivela lapho lo muzwa wokuzizwa ungajabule uphikelela isikhathi eside bese uba nomthelela omubi emisebenzini yokuphila kwansuku zonke kusukela enhlanzekweni yomuntu kuye ekwenzeni umsebenzi wokuziphilisa.

I-depressive disorder ayilona uphawu lobuka buthaka, kodwa yisifo esidinga ukulawulwa ngokunakekela okukhulu kanye nokucabangela. Kunezinhlobo ezihlukahlukene ze-depressive disorder, ezivame kakhulu yilezi:

  • I-depressive disorder enkulu (bheka uhlu lwezimpawu)
  • I-dysthymia, ebonakala ngezimpawu zokucindezeleka ezingezimbi kakhulu uma iqhathanisa ne-depressive disorder enkulu
  • I-bipolar disorder

Okubangela isifo sokucindezeleka

Isifo sokucindezeleka sibangelwa yizinto eziningi. Izifo zabantu azifani futhi lokhu kubangelwa izici eziningana kanye nezimbangela ezingafani ezibangela isifo sokucindezeleka ebantwini:

  • Izakhi zofuzo: umlando womndeni onesifo sokucindezeleka wandisa ingozi yokuba umuntu abe nesifo sokucindezeleka
  • Izinto ezicindezelayo: udlame, ukuhlukumezeka, usizi, izingcindezi
  • Ukungalingani kwamakhemikhali namahomoni emzimbeni
  • Izifo ezibangela ingcindezi enkulu ekusebenzeni komuntu
  • Ukusebenzisa kabi utshwala

Izimpawu zesifo sokucindezeleka

Izimpawu ziyahlukahluka ziye ngabantu. Ezokuqala yizona ezichazwa kakhulu abantu abanesifo sokucindezeleka.

  • Ukuzizwa ungajabule noma ukuzizwa ungenalutho okuphikelelayo (izingane zingabonakala ngokucikeka ngokushesha)
  • Ukuphelelwa uthando lwemisebenzi obuyijabulela ngaphambilini, njengocansi.
  • Ukuphazamiseka kokulala, nesifiso sokudla
  • Izinhlungu ezingaqondile
  • Ukuphelelwa yithemba
  • Ukungazethembi
  • Ukushaywa unembeza
  • Ukuphazamiseka kokugxilisa ingqondo
  • Ukuzikhetha ebantwini
  • Ukungahlanzeki nokungazinaki
  • Ukucabanga ukuzibulala
  • Ukufuna ukuzibulala: imicabangoo enemandla yokufuna ukuzibulala noma ukwenza izinhlelo zokuzibulala
  • Imizamo yokuzibulala: incwadi yokuzibulala, ukuzama ukuzibulala

Ukulawula

Depressive disorders are classified and graded according to severity. This can either be classified as a mild, moderate to severe and complicated depression. These categories have differing management plans.

Izigaba ezimbili ezinkulu zokulawula isifo sokucindezeleka ukwelashwa ngaphandle kwemithi kanye nokusebenzisa ama-antidepressants.

Ama-antidepressants

Ama-antidepressants ayimithi yokulawula izifo ze-depressive disorder. Kunezinhlobo eziningi ezihlukahlukene zama-antidepressants. Izigaba ezimbili ezivame ukusetshenziswa zama-antidepressants ama-Selective Serotonin Reuptake Inhibitors (SSRIs) kanye nama-Tricyclics antidepressants (TCAs).

Okubalulekile, ama-antidepressants awasebenzi ngokushesha. Abantu bavame ukuzwa imiphumela kuphela ngemva kwamasonto ama-4 kuya kwangu-8 beqale imithi. Kubalulekile-ke ukuthi ungayeki ngokushesha ngoba awuzwa ukuthi umuthi usasebenza okwamanje.

Ama-SSRIs

Ama-SSRI, isib, i-citalopram ne-fluoxetine, asebenza ngokwandisa ukutholakala kwe-serotonin. I-serotonin isiza ekwenzeni imizwa izole futhi uzizwe ungcono, kuphucule nokusebenza komzimba futhi kunciphise izimpawu zesifo sokucindezeleka.

Imithelela emibi

  • Ukuphathwa yikhanda
  • Isicanucanu
  • Ukungalali kanye nokungahlaliseki (lapho usaqala, kuba ngcono ngokuhamba kwesikhathi)
  • Imithelela emibi yama-SSRI evela ngemva kwesikhathi ubunzima bokuchitha lapho wenza ucansi kanye nokuncipha kwesifiso socansi.

ama-TCAs

Ama-TCA, isib, i-amitriptyline, nayo yandisa ukutholakala kwe-serotonin kanye nokunye okubizwa ngokuthi yi-noradrenaline, okukhiqiza imiphumela efanayo edingekayo ukuze kuncishiswe izimpawu zokucindezeleka.

Imithelela emibi

  • Umlomo owomile
  • Izinkinga zokubona: ukufiphala
  • Ukuqunjelwa yisisu
  • Ukukhathala
  • Ukukhuluphala
  • Ubunzima bokuchitha lapho wenza ucansi kanye nokuncipha kwesifiso socansi.ex drive.

Okubalulekile okumelwe ukwazi ukuthi ama-antidepressants awasebenzi ngokushesha. Ngokuvamile abantu bezwa imithelela yawo ngemva kwamaviki angu-4 kuya kwangu-8 ngemva kokuqala ukuwasebenzisa. Ngakho kubalulekile ukuba ungasheshe uyeke ngenxa yokuthi ungawuzwa umuthi usebenza.

Ukwenezela kulokho, kubalulekile ukuqhubeka nokwelashwa ngaphandle kwemithi uma lokho kutholakala kuwe futhi wenze imisebenzi yokuzisiza ukuze ukwazi ukubhekana nezimpawu. Ukuzisiza kuyindlela yokwelapha ehlukile kweyokusebenzisa imithi.

Izindlela zokuzisiza ezinconyelwayo

Imisebenzi yokuzisiza ingasiza umuntu ukuthi abhekane nakho futhi ingase ithuthukise izimpawu zokudangala. Ukuzisiza kwenziwa njengendlela eyengeziwe yokulawula ukudangala kodwa ukuzisiza kukodwa akuyona enye indlela yokwelashwa.

  • Ukuzivocavoca
  • Ukudla ngendlela enempilo
  • Ukuba semvelweni
  • Ukufunda
  • Ukuphumula, ukuthatha ikhefu, amaholidi.
  • Ukuthola indawo ekhathalelayo, esekelayo nenesineke
Tags
  • Depression
    Mental Health