I-Eczema

Post cover image

I-eczema ithinta izingane eziningi kanye nabantu abasebasha. Yinkinga yesikhumba engaba nomthelela omkhulu ezingeni lokuphila lomuntu. Ingenza isikhumba silume kakhulu futhi ingathinta ukufunda, ukulala kanye nokuziphatha komuntu. Ngezinye izikhathi ingabangela isifo. Kunezinhlobo eziningi ze-eczema, kodwa kule ncwajana sizoxoxa “nge-Atopic Dermatitis”.

Iyini I-Eczema?

Kubalulekile ukuqonda lokho i-eczema eyikho ngempela, ngoba ukuyelapha kuqondakala kalula. Esikhunjeni esinempilo kuba nongqimba oluhle lwamaseli esikhumba olukhiqiza uhlobo lwamafutha athile. Lokhu singakufanisa nodonga lwezitina, lapho khona izitina zinamaseli bese usimende kube yiwoyela. La mafutha noma usimende kusiza ekugcineni isikhumba sithambile futhi kuyasivimbela ekulahlekelweni amanzi kanye nokudabuka.

Uma une-eczema, lo simende awubi khona okwenza isikhumba some futhi sidabuke, okuvumela izinto eziyinkinga zingene emzimbeni. Enye yezindlela zokufakazela lokhu ukuthi siyazi ukuthi abantu abane-eczema abanayo i-eczema phezu kwekhala labo, ngoba ikhala likhipha amafutha engeziwe ukuze lugcine ungqimba lwesikhumba luvikelekile.

Imbangela yokungabi khona kwalo simende noma amafutha esikhunjeni iyinkimbinkimbi, kodwa siyazi ukuthi kungahlontshaniswa nezinto ezingathandwa umzimba kanye nesifuba somoya.

Kubalulekile ukwazi ukuthi “i-eczema ayikona ukuqubuka okulumayo, kodwa ingukuluma okuqubukayo”. Lokhu kusho ukuthi i-eczema iba khona ngaphambi kokuvela kokuqubuka, futhi iyaphikelela nalapho ukuqubuka sekuphelile.

Abantu abane-eczema baqala ngokuba nesikhumba esomile esilumayo kodwa esibukeka sivamile bese ngokuhamba kwesikhathi siqubuke, ngenxa yokoma nodabuka isikhumba sivumela izinto eziyinkinga ukuba zingene bese isikhumba siyaqubuka.

Ukwelashwa

Kunezici eziningi zokwelapha ezizofakwa ohlwini olungezansi.

Ukushintsha izindlela zenhlanzeko zansuku zonke

Abantu abane-eczema kufanele balandele isixwayiso esilandelayo senhlanzeko yesikhumba nsuku zonke

  • Gwema izinto ezingakuthandi
  • Mawugeza, ungayisebenzisi insipho. Kunalokho gcoba umzimba wakho nge-aqueous cream bese uyayigeza. Izinsipho zenza isikhumba some okube sekubangela ukuba i-eczema ibe yimbi nakakhulu.
  • Gwema izinto ezingahlukumeza isikhumba sakho, njengezingubo ezilumayo, izinzipho ezicijile kanye nezingubo ezifudumele kakhulu.

I-Emollient cream

Lena ngenye yezingxenye ezibaluleke kakhulu zokwelapha i-eczema. I-emollient cream iyikhilimu equkethe amafutha athile. Udokotela angakutshela ukuthi iyiphi ekulungele kangcono noma elungele ingane yakho. Ngokusebenzisa le khilimu, ubuyisela amafutha ashodayo esikhunjeni sakho, okusiza ekuvimbeleni nasekwelapheni ukuqubuka kwe-eczema. Kubaluleke kakhulu ukukhumbula ukusebenzisa le khilimu ngokuqhubekayo, ngisho nalapho kungekho ukuqubuka. Uma umuntu eyeka ukusebenzisa ikhilimu, ukuqubuka kuzobuya. Okubalulekile ukuthi, ukhilimu ungabi nawo amakha, umbala noma izilondolozi.

Ukubopha ngebhandishi elimanzi

Ngezinye izikhathi i-eczema ingenza isikhumba sishise kakhulu futhi silume. Ukuze usize ngalokhu, ungabopha ngebhandishi elimanzi endaweni yesikhumba ethintekayo. Ukuze ubophe isikhumba ngebhandishi emanzi, landela lezi zinyathelo:

  • Gcoba ukhilimu owusebenzisayo njengamanje (i-emollient noma i-steroid cream)
  • Bopha ngendwangu emanzi noma ngocezu lwengubo (kufake emanzini afudumele bese uyakuvoma) endaweni ethintekile
  • Songa ngolunye ucezu lwengubo eyomile phezu kwendwangu eyomile bese uyayibopha ukuze ingawi kalula

Lokhu kusiza ekupholiseni indawo ethintekile futhi kuvimbe ukuluma. Kuwusizo kakhulu!

I-Steroid cream

Udokotela wakho angase afune ukuba usebenzise i-steroid cream uma kukhona ukuqubuka kwe-eczema. Lapho usebenzisa le khilimu, kubalulekile ukuba ungayisebenzisi kakhulu noma kancane. Udokotela uzokuchazela ukuthi kungakanani okudingekayo. Lo khilimu kumelwe usetshenziswe kuphela lapho kunokuqubuka. Lapho ugcoba i-steroid cream endaweni enokuqubuka, yisule ulandela ukulala koboya besikhumba, ungaphambani nabo. Ama-steroid creams anciphisa ukuvuvukala esikhunjeni, kodwa akukuhle ukuwasebenzisa lapho ukuqubuka sekuphelile.

Related Posts

Tags
  • Eczema
    Dermatitis
    Rash
    Dry Skin
    Allergy