I-Attention-deficit hyperactivity disorder (ADHD)

Post cover image

i-ADHD

I-ADHD iyisifo esibangela ukuba umuntu abe nalezi zinkinga:

  • Ubunzima bokunaka (ukunganaki)
  • Ukuba nomdlandla ngokweqile
  • Ukwenza ngaphandle kokucabanga

Njengoba ungase ucabange, lezi zimpawu zenza kube nzima ngomuntu ukuba enze izinto kahle.

I-ADHD ezinganeni

I-ADHD ezinganeni ibhekwa njengenkinga ephikelelayo yokunganaki, ukuba nomdlandla ngokweqile kanye nokwenza ngokungacabangi ezindaweni ezihlukahlukene (esikoleni, ekhaya, njll.). Lokhu kuholela ezinkingeni zokufunda zokuxhumana nabanye abantu.

Izingane ezine-ADHD zichayeke ekubeni nesifo sokucindezeleka, izinkinga zendlela yokuziphatha kanye nokusebenzisa kabi izidakamizwa lapho sezikhulile. Ngakho kubalulekile ukuqaphela i-ADHD zisezincane kanye nokuthumela izingane kongoti bempilo yengqondo ukuze kwenziwe izinhlelo zokunakekela zengane kanye nomndeni wayo

I-ADHD entsheni

Intsha ene-ADHD inezinkinga zokuziphatha ezinjengokuba nolaka kanye nokungenzi kahle esikoleni. Ukungenzi kahle esikoleni kungase kungabangelwa izinkinga zokuziphatha, kodwa zibangelwe izinkinga zokufunda.

Intsha ene-ADHD ngokuvamile ayihlaliseki futhi yenza izinto ngokungacabangi Lokhu kuholela ekuziphatheni okuyingozi njengokuphuza utshwala ngokweqile kanye nezenzo zocansi eziyingozi ezingase zibeke ukuphila kwayo nokwabanye engozini.

I-ADHD kubantu abadala

Izimpawu ze-ADHD ziyaphikelela ziqale ebuntwaneni, ziye ekubeni yintsha bese kudlulela ebudaleni. Kubantu abadala, izimpawu ze-ADHD zivame ukucasha uma kuqhathaniswa nasezinganeni, njengalokhu:

  • Ukwehluleka ukunaka imininingwane
  • Ukungabi namakhono okuhlela
  • Ukungakwazi ukubeka izinto ezibalulekile phambili
  • Ukushintshashintsha kwemizwelo, ukucikeka nokucasuka ngokushesha
  • Ukuntula kakhulu isineke
  • Ukwenza izinto eziyingozi

Ukulawula

Ukuhlonzwa kwe-ADHD kwenziwa ongoti bezokwelapha njengodokotela wengqondo noma isazi sokusebenza kwengqondo. Ukulawulwa kwe-ADHD kwenziwa ngezindlela ezihlukahlukene ngenjongo yokunciphisa izimpawu ze-ADHD ukuze zidanjiswe futhi kunakwe ukuphila.

Ukwelashwa ngaphandle kwemithi

Injongo yokwelapha ngaphandle kwemithi kuhloselwe ukusiza umuntu one-ADHD, umndeni wakhe kanye nabangane ukuba babhekane nezinselele ze-ADHD ekuphileni kwabo. Kungase kuhlanganise lezi zindlela ezilandelayo, kanye nokunye okuningi:

  • Izingane: izinhlelo zokuziphatha ukuze kusizwe ingane ihlale ihlelekile futhi ilandele inqubo ethile
  • Intsha: Izinhlelo ezifana nezezingane, kodwa ezivumelana neminyaka yentsha
  • Abantu abadala: Ukucazwa kwemisebenzi emikhulu yenziwe ibe mincane, futhi kube lula ukuyisingatha.

Ukulawula Ngemithi

Ukulawula ngemithi kuhloselwe ukunciphisa ukuba nomdlandla ngokweqile kanye nokwenza ngokungacabangi ukuze kuthuthukiswe ukugxilisa ingqondo. Imithi evame ukusetshenziswa ukuze kulawulwe i-ADHD uhlobo lwemithi ebizwa ngokuthi yizikhuthazi

I-Stimulants/Izikuthazi

Le mithi, enjenge-concerta ne-ritalin, yandisa ikhono lokucabanga ngokucacile kanye nokunaka ngokwandisa into ebizwa ngokuthi yi-dopamine engqondweni.

Imithelela emibi yezikhuthazi ukuncipha kwesisindo somzimba kanye nokuphelelwa yisifiso sokudla.

iNon-stimulants/ Imithi engezona izikhuthazi

Imithi engezona izikhuthazi, njenge-atomoxetine ne-guanfacine, isetshenziswa ezinganeni ezine-ADHD. Inemithelela emihle nemibi efana neyezikhuthazi, ngisho noma ithatha isikhathi eside ngaphambi kokuba isebenze.

Tags
  • ADHD
    Hyperactive
    Attention